KUPHITHENE amakhanda ezikhulwini zeSouth African Fotball Association (Safa) ngokusula kwesethenjwa sesisebenzi sale nhlangano.
Nakuba izikhulu zeSafa zingena ezintangeni ngokusula kukaTebogo Motlanthe, oyisikhulu ehhovisi lezomthetho kodwa umthombo ongaphakathi ukuqinisekisile ukuthi usethathe isinqumo sokushiya.
Ngokusho komthombo, izikhulu zeSafa kuleli sonto zizohlala phansi noMotlanthe zimncenga ukuthi angayishiyi inhlangano.
Kuthiwa iSafa ikhala ngokuthi uyishiya ngesikhathi esibi njengoba inenqwaba yamacala abucayi okumele ibhekane nawo.
Phakathi kwawo kukhona elePremier Soccer League (PSL) edlulise udaba lwesigwebo esikhishwe yiPSL Despute Resulution Committee (DRC) ekhokhise iMamelodi Sundowns uR250 000 nesitobha uWayne Arendse owadlaliswa esuka ezihlalweni naye ohlawuliswa imali efanayo.
Kukhona elayo iPSL ekhala ngokungathintwa yiSafa mayelana nabaxhasi bonondweba i-OUTsurance, elikaLesley Sedibe owayeyisikhulu esiphezulu seSafa ofake enkantolo inhlangano, amacala e-ABC Motsepe League namanye amaningi.
Nakuba kunamahlebezi athi uMotlanthe angase athushuke kwiPSL kodwa kuvela ukuthi akasafune lutho olumhlanganisa nebhola.
“Leli sonto kulindeleke ukuthi liphele sekucaca ukuthi uyahamba noma cha. Umhlangano noMotlanthe mawungabanga ngoLwesibili (izolo) uzoba ngoLwesine.
"Ngaphandle nje kokuthi iSafa ikhala ngokuthi uMotlanthe uyishiya ngesikhathi esibi, okunye okuyiphethe kabi ukuthi ungomunye wabasebenzi abangafuniseli ngomsebenzi wabo. Mancane amathuba okuthi ahambe,” kubeka umthombo.
Kuthintwa uRussell Paul, oyibamba lesikhulu esiphezulu kwiSafa uthe ngeke akuphike noma akuvume ukuthi bayamncenga uMotlanthe ukuthi angahambi.
“Ukusula kukaMotlanthe sikuzwe kwabezindaba. Thina kasikwazi. Yingakho ngingeke ngiphawule ukuthi siyamncenga noma cha ukuthi angahambi,” kubeka uPaul.
Mayelana namacala uthe noma ngabe kuthiwa uyahamba uMotlanthe wonke amacala kuhlanganisa nawe-ABC Motsepe League, azohlalelwa ingakapheli inyanga.
Kwenzeka lokhu nje kunesikhalo kubanikazi beKZN ABC Motsepe League ngokungaqedwa kokuqulwa kwamacala phezu kokuba imidlalo yokuhlungela ukuya kwiNational First Division (NFD) iqala ngoJuni 2, eCape Town.
Nakuba abakhalayo amaqembu abo engezukuphazamisa ukuqhubeka kweyokuhlunga kodwa bakhononda ngokuthi kuphazamiseka amalungiselelo esizini ezayo.
KwaZulu-Natal kulindelwe ukuthi iSafa ihlalele icala eliphakathi kweGWP Friends noMvoti FC. I-Friends yadlulisa icala ngemuva kokutholwa inecala lokufika nabadlali abangaphelele enkundleni kumele idlale noMvoti. Kulindwe neliphakathi kweKwaDabeka Sporting neHappy Wanderers.
I-KwaDabeka ikhala ngokuthi sekuhlalelwa leli cala okwesibili iWanderers yamelwa owayesethimbeni leSafa elalizokhipha isinqumo ngesikhathi liqulwa okokuqala. Kulindelwe ukuthi iSafa ikhiphe isinqumo ngomphumela womdlalo ongaphelanga owawuphakathi kweRainham Sporting neWanderers.