UMDLALI wasemua uCaio Marcelo osayiniswe yi-Orlando Pirates. Isithombe: www.orlandopiratesfc.com

I-ORLANDO Pirates isisayinise umdlali waseBrazil, uCaio Marcelo (20) obedlala kwiNova Iguaçu Football Club.

IPirates iqinisekise lezi zindaba emakhasini ayo ezokuxhumana nakwi-website yayo kanti iveze ukuthi abaqeqeshi bathatheka bebona lo mdlali ngesikhathi leli qembu livakashele eBrazil ohambweni olwaziwa ngeProject X. 

UMarcelo uzoqala ukuziqeqeshe neqembu kuleli sonto kanti kulindeleke ukuthi abange ijezi nabadlali okubalwa kubo uHappy Jele, Gladwin Shitolo, Ntsikelelo Nyawuza, Justice Tshabalala noDiamond Thopola.

Lo mdlali uzojoyina isibalo esikhulayo sabadlali abaqhamuka emazweni aseSouth America kwi-PSL okubalwa kubo uRicardo Nascimento ongumkhaya wakhe, José Alí Meza waseVenuzuela, Leonardo Castro noGustavo Paez baseColombia noGaston Sirino wase-Uruguay.