KUCISHE konakala kwiKaizer Chiefs ngesikhathi ishikiliswa ama-amesha iThe Magic FC emdlalweni we-last 16 yeNedbank Cup izolo eNelson Mandela Bay Stadium. Kulo mdlalo iChiefs itibule kwaze kwaba yisikhathi esengeziwe imiswe kabi ama-amesha aseKapa.
Kugcine kwenzekile obekufiswa iThe Magic ukuthi umdlalo uye ekhefini zibambene. Okuxakile lapha wukuthi kwenzeke kanjani ukuthi umdlalo uze ufike ekhefini iChifes ingalitholile igoli ngoba konke ebikwenza ibikwenza ngendlela.
Umdlalo ubuphethwe yiChiefs njengoba bekulindelekile kodwa ukwakha amathuba abethusa kuBulelani Cola obevimbele iThe Magic yinto ebingabonwa. Amabhola amaningi abefakelwa uHappy Mashiane kwesokunxele kodwa obekucaca wukuthi akaqondi kahle ukuthi yimaphi amabhola obekufanele awafakele oLeonardo Castro noRyan Moon ebhokisni.
Kungena elikaMoon nje, uyena kuphela lo mgadli othole ithuba elihle kunawo wonke esiwombeni sokuqala lapha ephaselwe khona ngobuchule uSiphelele Ntshangase ngomzuzu ka-20. UNtshangase osebonakala esithola futhi isikimu uphakele lo mgadli waseMgungundlovu walivala kamnandi kodwa uma esethi ulivalela phakathi ibhola limane lashaya ipali labuyela kuCola.
Ngaphambi kokuqala komdlalo iThe Magic ikubeke kwacaca ukuthi izovala emuva bese ikhulekela ukuthi umdlalo uye ekhefini bengazange bangenelwe yigoli. Esiwombeni sesibili iChiefs ibuye ngoKhama Billiat ethatha indawo kaHendrik Ekstien. Nakusona lesi siwombe ngasekuqaleni kwaso, iChiefs ayizange ikhombise izimpawu zokubhukula.
Uze wakhishwa uCastro ngemizuzu yokugcina indawo yakhe yathathwa uDimusani Zuma. Lo mgadli osuka kwiMamelodi Sundowns uyeke inqwaba yamathuba alula okugcine sekumdalele amazinyo abushelelezi kubalandeli baMakhosi abese bemkhomba ngaphandle.
Esiwombeni sokuqala sesikhathi esengeziwe iChiefs ize yalithola igoli ngonyawo lukaDaniel Cardoso kukade kuyiphenathi kanti noZulu ulitholile elakhe ebeka enethini elesibili. Obekudala lokhu ukuthi iThe Magic ibiya phambili izama ukuthola igoli lokulinganisa. Ugcine ewusongile umdlalo uBilliat eshaya igoli lesithathu.