KUVELA ukuthi uSiphesihle “Mbesuma” Ndlovu oyinjini yeMaritzburg United uzojoyina iMamelodi Sundowns ngesizini ezayo.
Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo walo osondelene neTeam of Choice, uNdlovu usayinile namaBrazilians kodwa uzohlala isizini yonke eMphithi, aze ahambe ngaphambi kokuqala kwesizini ezayo.
UNdlovu ungomunye wabadlali baseNingizimu Afrika abashaye into ecokeme ngesizini edlule. Usize iMaritzburg yaqopha umlando ilala isine kwi-log, yaphinde yangena kowamanqamu okokuqala emlandweni wayo njengoba yehlulwa iFree State Stars ngo 1-0 kwiNedbank Cup, eCape Town ngoMeyi nonyaka.
“Usayinile kwiSundowns. Kodwa kwenzeke lokhu okwenzeka ngesikhathi kusayina uKeagan Dolly esekwi-Ajax Cape Town. Uzokhumbula ukuthi wahlala kwi-Ajax esesayine waqeda neSundowns, nokuthe ngesizini elandelayo wabe eseyijoyina. Empeleni uNdlovu udayise kanye noMaboe (Lebohang) kodwa yena wagoloza ukuhamba wathi usathanda ukuhlala, etshela abaphathi. Uthe uyobona makuphela isizini ukuthi uyaya yini kwiSundowns. Asazi-ke futhi mayephinda egoloza, ethi akayi lapho. Phela noKwanda Mngonyama wake wayenza leyo nto, kwathiwa akahambe wagoloza, ngakho siyobona uma kuphela isizini," kusho umthombo.
Igama likaNdlovu kubathandi bebhola kuleli kukhulunywa ngalo nsuku zonke, nokugcine ngokuthi ahlabane ngomklomelo womdlali osemncane ovelele kwi-Absa Premiership ngesikhathi kuchonywa uphaphe lwegwalagwala abadlali abenze kahle ngasekupheleni kukaMeyi nonyaka.
Leli phephandaba lixhumane nosihlalo weMaritzburg uFarook Kadodia ukuthola ukuthi ngabe ukusayina kukaNdlovu namaBrazilians, kuyiqiniso yini.
“Engingakusho ukuthi iSundowns ifake isicelo ngoNdlovu sokuba azoyigijimela. Uma izinto zingashintshi uzohamba uma kuphela isizini esikuyona. Kodwa cha okwamanje akukho asakusayinile,” kusho uKadodia.
Ubudlelwano bokuthengiselana ngabadlali nokubolekisana bubukeka bubuhle kwiSundowns nakwiMaritzburg. UKeletso Makgalwa waBafana Ba Style ubolekiswe isizini yonke kwezikaFadlu Davids, kanti uYannick Zakri usanda kuthengwa iTeam of Choice kuyona iSundowns wasayina inkontileka yeminyaka emibili.
UMaboe usanda kuthengwa ezikaPitso “Jingles” Mosimane njengoba manje sekubalwa noNdlovu. Konke lokhu kwenzeke kule sizini kuphela. UDavids uvele usakhihla esikaNandi ngokungavaleki kwesikhala sika-Evans Rusike oqhulula amagoli kwiSuperSport United. Ngokusho kukaDavids ukufika kukaZakri kungenzeka kusivale isikhala sakhe osekephele izinyanga eziyisishiyagalombili singavaliwe.