‘NGITHANDA ukuchashwa ngenhlamba, nokubukelwa phansi ngoba yikhona okungenza ngiqinelwe ukhakhayi, ngingazweli kalula.'
Amazwi lawa ashiwo umqeqeshi weBloemfontein Celtic, uSteve “Mphathi” Komphela, ngemuva kokushaywa kwezakhe AmaZulu FC emdlalweni we-Absa Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesithathu.
Usuthu lunqobe lo mdlalo ngo 3-0, wamagoli amabili avalelwe phakathi * -Emiliano Tade nelikaSiyabonga “Bhele” Nomvethe.
Ukhuluma kanjena nje uKomphela, kulandela umbuzo waleli phephandaba lapho kade limbuza khona ukuthi uzizwa kanjani ukuthi unconywa ngabanye abaqeqeshi ngomsebenzi omuhle awenza kwiSiwelele.
Akuyona into efihlwayo ukuthi isimo semali asisihle kwiCeltic, njengoba isikhulu saleli qembu, uMax Tshabalala, siphumele obala ngokuthi sesigadle zephuka, asisenayo imali yokuqhubeka neqembu.
Isiminingi nemibiko esizwakele ngokuthi abadlali baleli qembu abaholelwa, nokungadala ukuthi bahudule izinyawo bethumela umyalezo kubaphathi ngokungagculiseki. Nokho konke lokho akwenzeki kwiSiwelele njengoba sibalwa namanye amaqembu ambalwa adlala ibhola elinenkosi phakathi kule sizini.
Phakathi kwabaqeqeshi asebephumele obala bencoma uKomphela ngokusebenza phansi kwezimo ezinzima kodwa kungabonakali, uFadlu Davids weMaritzburg United noCavin Johnson opheka Usuthu. Okucace bha ngempendulo kaKomphela ukuthi akabukhohliwe ubunzima abhekana nabo esaqeqesha iKaizer Chiefs.
“Ngiyakujabulela ukuthi ozakwethu bayangincoma, kanti nabo njalo benza umsebenzi omuhle emaqenjini abo,” uqale washo kanje uKomphela.
Kube sengathi uvukwa umoya, eseqhubeka echaza ngokuthi yena akalona lolu hlobo oluthanda ukukhukhumala.
“Ngiyakuzonda ukunconywa. Mina ngiyakuthanda ukugxekwa nokubizwa ngayo yonke inhlobo yamagama. Iyodwa indlela okhula ngayo njengomuntu ukuthi uphonswe emlilweni bese uzibonela. Ngiyawuthanda-ke mina umlilo, ngiyakuthanda ukwehlulelwa, ngiyakuthanda ukwethukwa, empeleni zonke lezi zinto ezingezinhle ezishiwo ngami. Ngoba umuntu osho into engeyinhle ngawe, uyena kanye onaleyo nkinga ayisho ngawe. Uma umuntu esho into embi ngawe, usuke eziveza obala ukuthi uluhlobo luni lomuntu. Kodwa uma nginconywa ngiyohleze ngikwamukela lokho,” usho kanje uKomphela.