MHLELI: Ngiyabingelela egameni lezemidlalo. Ngibhala nje inhliziyo yami ibuhlungu ngendlela iKaizer Chiefs edlala ngayo.
Ngifisa ukuvumelana noRulani Mokoena uma ethi iChiefs ayinaye umqeqeshi, ibhentshi layo lishoda ngolwazi. Hhayi wayeqinisile umfo kaMokoena.
Lokho ngikubone ngoMgqibelo iChiefs idlala nePirates. Impela asinaye umqeqeshi kanjalo nephini lakhe awukho umsebenzi wakhe.
Bekungafanele iChiefs idlalise uMario Booysen noSiyabonga Ngezana phakathi nenkundla ekhona u-Erick Mathoho. Angazi ngempela ukuthi uSolinas wamdlelani uMathoho.
UMathoho udlala kangcono kabi kunoBooysens. Womabili amagoli awakhe. Uma iChiefs izoqhubeka nokwenza la maphutha izozibona ivika izembe. Buka nje iye emdlalweni wePirates ikunombolo 3 kodwa namuhla ikunombolo 7.
UKaizer Motaung wenza elikhulu iphutha uma eqasha uSolinas. Lo mqeqeshi akanawo amangwevu okuphatha iqembu elikhulu njengeChiefs. Waphinda waqasha impuphu uPatrick Mabedi wamenza iphini lomqeqeshi.
IChiefs iyiqembu, elikhulu akwakhiwa laphaya, kufuneka umuntu ozothatha iqembu aliyise phambili. Isikimu aqale ngaso uSolinas besixega kakhulu, indawo kaBenard Parker iphelile kwiChiefs kumele alandele uTsepo Masilela noSphiwe Shabalala. Kungcono ukudliwa ube usebenzisa abafana abasebancane.
Ubebashiyelani oKabelo Mahlalsela noGeorge Maluleka? Angiyiboni iChiefs idlulela kuma-semi-final eTelkom ngendlela edlala ngayo. Lo mqeqeshi akanaso isikimu esiqondile sakhe sokufa. Njalo uyashintshashintsha, okusho khona ukuthi akakufanele ukuqeqesha iChiefs. Ukhakhayi lwakhe aluqinile futhi akanawo amasu okudlala.
Uma ungumqeqeshi uyawufunda umdlalo bese uqhamuka namaqhinga azonqobisa ikilabhu kodwa lokho akwenzeki kuSolinas noMabedi.
UMotaung akabuyise uDoctor Khumalo azotakula lo mkhumbi ocwilayo, ayikho le nto kaSolinas noMabedi. Inkinga kaMabedi unguvuma zonke kuSolinas akanawo amava okusiza uSolinas kanti naye ulwazi lokuqeqesha luncane. KwiCV yakhe akukho lapho ake awina izindebe ezibalulekile, uyimfundamakhwela. Ngimuzwe ekhuluma ilumbo ethi wake wawina umdlalo wabakhaya phakathi kwiFree State Stars neCeltics, kusho khona ukuthi akazi kusho ukuthini ukudlala kweChiefs nePirates.
Bekungafanele akhiphe uKhama Billiat kuloya mdlalo. Bekumele akhiphe uParker, uDumisani Zuma noLeonardo Castro.
IChiefs iyavuza emuva sekuzanywe konke kodwa kuyafana nje. Isixazululo laphaya emuva sidinga uMathoho noLorenzo Gordihno bese iChiefs ibuyisa uDoctor Khumalo no-Arthur Zwane bazosiza le mpuphu yakaSolinas.
Siphinde sikhumbule ukuthi uTefu Mashamaite ukhona angasisiza laphaya emuva. Siyamdinga futhi uDax lona waseMadagascar simbone ukuthi uphetheni kuphunyuzwe uWillard Katsande.
Innocent M Meyiwa
EMalangeni