ABANTU abayi nganxanye bengemanzi kodwa odabeni lokuqashwa kuka-Ernst Middendorp njengomqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, abathandi bakanobhutshuzwayo bavumelana ngokuthi iMpofana ishaye isikhala.
Isolezwe ngeSonto lelamele omunye umlandeli owayegijima kuMthatha Bush Bucks edemelayisa eMayville, eThekwini ethi: “ Kwenzekani kanti. Basikhipha efrijini basifaka kwi-coolerbox”.
Izolo uMiddendorp, odume ngelikaMazinyo, ubenguqekethwayo ophambili ezinkundleni zokuxhumana okubalwa kuzo iFacebook neTwitter.
“Sisodwa isisombululo manje, akushiswe inkundla uma uMiddendorp eke aqala nje wahlulwa noma wadlala ngokulingana, noma yikuphi okufika kuqala,” kusho * -@Mkhu28 kwiTwitter.
“Ngisacabanga ukuthi iKaizer Chiefs iphinde yenza elinye iphutha elikhulu ekuqasheni u-Ernst Middendorp. Kuyacaca ababashayi mkhuba abalandeli neligi. Lindela izembe kuphela,” kusho u-@AyandaFelemZA.
“IKaizer Chiefs iqashe umqeqeshi abamxosha ngoMashi 2007. Umqeqeshi owaqeda ngaphandle kwe-Top8 ngo-2006/2007. Umqeqeshi okunguye owayebuka ihlazo iSundowns ihlanganisa amaphasi angu-44 ibhekene neKaizer Chiefs,” kusho @AdvBarryRoux.
Yize besho kanje abalandeli, enye yezinkakha ezilisebenzele ibhola laseNingizimu Afrika, uDavid Kannemeyer, ubona uMazinyo ezoyivusa emlotheni engezumbatha ulaka. “Uma ezobeka phansi umoya akwamukele ukuthi ungena emsebenzini obucayi ngoba abalandeli beChiefs basezinhlungwini. Iyodwa kuphela into ebhekwe abalandeli, wukunqoba imidlalo,” kusho uKannemeyer, owadla izicoco eziningi neChiefs ayidlalele kusuka ku-2001 kuya ku-2004.
Ayidlalanga le nkakha ngaphansi kukaMiddendorp kwazise uqashwe kwiChiefs ngo-2005 kuya ku-2007 uKannemeyer eseyoqoqa ezinye izicoco kwiMamelodi Sundowns.
“Angidlalanga ngaphansi kwakhe kodwa ungomunye wabaqeqeshi abalaziyo ibhola. IChiefs inabo abadlali. Okufanele akwenze yena wukusheshe athole ukuthi yibaphi abadlali abatholana kahle enkundleni agiye ngabo.”
UMiddendorp uqashwe ngoLwesihlanu ebusuku ngemuva kwamahora iChiefs imemezele ukuthi isihlukene noGiovanni Solinas nobeyiphini lakhe, uPatrick Mabedi.
Bobabili laba baqeqeshi bebesolwa ngokuhlulwa amaqhinga okuyinto eyabekwa ngembaba nguzakwabo ocija i-Orlando Pirates, uRhulani Mokwena.
Wagxekwa kakhulu uMokwena ngemuva kokuthi esho wangananaza esidlangalaleni ukuthi “Kusuka kuhambe uSteve Komphela akukho mqeqeshi ebhentshini leChiefs”.
Yize esolwe ngokukhulumela safuthi uMokwena kodwa konke asekwenze kwiChiefs kuyamfakazela. IPirates iyivuthuze ngo 2-1 kulandelana. Lokho sekuhlangene nokubuya nesibhaxu sika 2-1 kwiZimamoto koweCaf Confederation Cup eZanzibar, ngezinye zezinto ezixoshise laba baqeqeshi.
Enye into ethintwe nguKannemeyer wudaba lukaSiphelele Ntshangase obukeka esazoqhubeka nokungadlali kwiChiefs kwazise uMiddendorp usakhunjulwa njengomqeqeshi “owabulala”uScara Ngobese.
“EkaNtshangase ibucayana ngoba nabaqeqeshi ababili abadlule (uSteve Komphela noSolinas) bebengamdlalisi,” kusho uKannemeyer.