IKAIZER Chiefs ingena ezintangeni ngokubuya kwenkakha uDoctor Khumalo okuvele ukuthi uzothola isikhundla ethimbeni labaqeqeshi eNaturena.
UKhumalo, owayeyiphini lomqeqeshi uStuart Baxter kumasizini edlule, uhlukane neBaroka emasontweni edlule izikhalela ngokuthi kuguga iphakethe ngokumholela izishaqane. Ubeyinhloko yabaqeqeshi kwiBakgaga esiholwa ngowayengumgadli weChiefs, uWedson Nyirenda.
Amakhosi awakabi naye umqeqeshi kusukela ehlukane noSteve Komphela osepheka iBloemfontein Celtic. UKhumalo kusabalele ukuthi uzophinde asize uBaxter okuthiwa uyabuya ePhefeni.
“Indaba kaDoctor angazi lutho ngayo. Noma ngabe kuthiwa ikhona ngeke siyikhulume emakhoneni. Sizoyimemezela ezindaweni ezifanele njengoba sihlala senza,” kusho uVina Maphosa ophethe ezokuxhumana kwiChiefs.
IChiefs izobhekana neMamelodi Sundowns koweShell Helix Ultra Cup eFNB Stadium ngoJulayi 21. Kukholakala ukuthi kuzobe kusabambe obeyiphini likaKomphela, uPatrick Mabedi.
UMaphosa uthe okuphazamise izinhlelo zokuqashwa komqeqeshi omusha wukuthi abese befinyelele kuvuthothandaba naye, uthathwe ngelinye iqembu kodwa wenqaba ukumdalula. Kuleli sonto kusabalale kuTwitter umbhalo osolisayo womqeqeshi weTownship Rollers uNikola Kavazovic waseSerbia awubhale emuva kokuthi ezakhe zihlule iSundowns ngo 1-0 kowobungani. Lo mbhalo obuhambisana nesithombe sakhe emi nomqeqeshi uPitso Mosimane weSundowns, ubuthi: “Ngiyethemba ngizokubona ebhentshini lezimbangi mhla ka-21. Ngeke wazi.”
UKavazic, ofake iRollers esigabeni samaqoqo seCaf Champions League okokuqala emlandweni wayo, livelile igama lakhe kwabagaqele isikhundla sokuqeqesha iChiefs ezinyangeni ezedlule.
“Sidinga umqeqeshi ozokwenza izinto zenzeke zisuka, ozokwazi ukumelana nengcindezi yokuqeqesha iChiefs. Asifuni ozofika afune ukuzozama noma ukuzohlola izinto. Kodwa kudingeka ozosisiza siwine izindebe. Okwamanje amalungiselelo okuqala kwesizini ahamba kahle ngaphansi kukaPatrick Mabedi nethimba labaqeshi okukhona kulona no-Authur Zwane,” kusho uMaphosa.
NgoMgqibelo iChiefs izodlala emqhudelwaneni iBokone Bophirima Maizer Cup ezoba seJames Motlatsi Stadium, eNorth West. Amakhosi azodlala neBuya Msuthu ngo-10 ekuseni, kuthi ngo-12 kugijimisane iFree State Stars neChippa United.
Amaqembu awinile azobhekana kowamanqamu.
Kulo mqhudelwano kulindeleke ukuthi iChiefs idlalise abadlali bayo abasha okukhona kubona uKhama Billiat osuka kwiSundowns noLethlogonolo Mirwa obegijima kwiBuya Msuthu edlala kwi-ABC Motsepe
League.