UKUSULA isigubhukane ekuqeqeshi iFree State Stars kukaGiovanni Solinas ngemuva kokumataniswa ne-Orlando Pirates nokuwola abadlali abathathu beChippa United kweZimnyama, kuqinise izinsolo zokuthi igama lomqeqeqshi omusha wamaBhakhaniya lizovela phakathi kwakhe noDaniel “Dan Dance” Malesela.
Amanye amagama athintekayo ngelikaBenni McCarthy odlale iminyaka emibili kweZimnyama kodwa washiya eseyinkakha yezicoco, nelikaShakes Mashaba osalwa neSouth African Football Association.
Nakuba evela amanye amagama kodwa inkakha ezikaMagebhula, * -Aubrey Lekwane, ifa noMalesela kulesi sikhundla.
“Anginanxa nabanye ababalwayo kodwa nguDan Malesela ongayisiza iPirates ibuyele phezulu. Uyayazi inkambiso yePirates namasiko ebhola laseNingizimu Afrika.
"Kusukela sisadlala naye ngesikhathi sikaJeff Butler kuya kwesikaMike Makaab noRonald Mkandawire. Wayefana nephini lomqeqeshi.
“Emagunjini okushintshela wayevele aqhamuke namaqhinga nezeluleko ongazilindela kumqeqeshi, kucace ukuthi usewuhlaziye wafika kude umdlalo. Washiya lapho eseya kwiManning Rangers,” kusho uLekwane.
Kusukela efikile kwiChippa uMalesela wenza into yamehlo.
Abadlali abathathu abenza iqine iminwe ekhomba uMalesela kwiPirates uThembinkosi Lorch, Mark van Heerden noJames Okwuosa okuthiwa bazophambana noSello Japtha, uDonald Mukondolela noJustice Chabalala.
Okushiya umbuzo wukuthi iPirates ishaya umlabalaba ngabadlali nje ayinaye umqeqeshi kwazise kusukela kusule uMuhsin Ertugral ngemuva kwenduku ka 6-1 amatomu abanjwe wu-Augasto Palacios, ongakufihli naye ukuthi akazimisele ukuthatha ngokusemthethweni.
Ngisho ngabe uyathanda uPalacios ukuthatha ngokusemthethweni kodwa ukubhedelwa yimiphumela okwenze iPirates yaya ekhefini ingaphandle ohlwini lwamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu, kuyamnyundela.
“Yebo uBenni bazomhlonipha abadlali ngakuzuzile (nguye ophethe irekhodi lamagoli amaningi kwiBafana Bafana, nguye yedwa eNingizimu Afrika onendondo ye-Uefa Champions League kanti nakwiPirates uwagaxe emgibeni ekuyo amakhokho ushiye edle izicoco). Inkinga wukuthi ugabe ngomlando webhola hhayi wokuqeqesha kanti uMalesela useshaya ngendathane yamava ekuqeqesheni,”
ULekwane uthe into ebulala abaqeqeshi abaningi wukuthi sebethenga abadlali kwi-internet wena owabona abathenga amasheya kwi-Stock Exchange.
“UMalesela usebenzile emaligini aphansi eqeqesha abafana abasebancane. Yingakho namanje kwiChippa avele avuke nomfana ongaziwa kodwa odlalayo.
“Maningi amathuba okuthi lowo mdlali usake wahlangana naye phambilini. Abaqeqeshi abajika nezihlalo emahhovisi ubabona ngakho ukuwola abadlali bangaphandle ibe inkulu kangaka iNingizimu Afrika,” kugcizelela uLekwane, one-Level 3 wezicucu zeSafa zokuqeqesha.
Kuyimanje uLekwane ucija iLemamo FC edlala kwiSAB Regional League eMoretele, eNorth West.
Enye inkakha yeBucs, uHelman Mkhalele ithe iyokushayela ihlombe ukuqhubeka kwePirates nabaqeqeshi baseNingizimu Afrika.
UMalesela ugcine engalubambi ucingo kanjalo noFloyd Mbele oyisikhulu esiphezulu sePirates. Kubuzwa usihlalo weChippa United, uChippa Mpengesi, ukuthi angamdedela yini uMalesela uthe: “Hhayi baba! Hhayi.”wabe evala ucingo.