ICAPE Town City isengcupheni yokulahlekelw ngumqeqeshi uBenni McCarthy okuvela ukuthi ushelwa yiBidvest Wits.
Isolezwe lihoshe ukuthi sekuseduze iWits ivumelane noMcCarthy owinise iThe Citizens indebe yeMTN8 ngasekuqaleni kwesizini ka-2018/2019. Kuthiwa nakuba kubukeka izinto zimhambela kahle eKapa kodwa akajabule ngendlela izinto ezenziwa ngayo okukhona kuzona iholo ngaphansi kobuholi bukasihlalo uJohn Comitis.
Okwenza ziqine izinkulumo ngokujoyina kukaMcCarthy iWits ukuthi umqeqeshi uGavin Hunt kuze kube manje akakayivuseleli inkontileka yakhe neZitshudeni ezophela ekupheleni kwesizini.
Ngesizini edlule kunabathize ebhodini eliphethe iWits abebefuna ahambe uHunt kodwa kwaba khona abamvikelayo, wasayiniswa inkontileka yesizini ezophela ngoJuni. Ngesizini edlule iWits iqede ngaphandle kweTop 8.
“UBenni sekusele kancane avumelane neWits. Akajabule ngendlela izinto ezenzeka ngayo kwiCity. Ubekade enakho ukungabaza kodwa manje usenesiqiniseko sokuthi uyalishiya iqembu ekupheleni kwesizini,” kusho umthombo.
UMcCarthy ube ngungqondongqondo ngesikhathi ebuyisa izinduku kwiMamelodi Sundowns eyixebula ngo 2-1 emdlalweni we-Absa Premiership eKapa ngoLwesibili ebusuku. Lokhu kwenzeke emuva kwezinsuku ezimbalwa ekade ehlulwe yiSundowns ngo 3-2 ePitoli. Emuva komdlalo uMcCarthy uwudoje ingcaca umbuzo ngekusasa lakhe kwiCity.
Ebuzwa kuthi uzobe ekhona yini kuleli qembu ngesizini ezayo ukuzobona kuvuthwa akutshalile uvele wahleka wathi: “Kufanele ngiphendule? Kungani? Kodwa nginelungelo lokwenqaba.”
Imizamo yokuthola isikhulu esiphezulu seWits, uJose Ferreira, ayiphumelanga kwazise ucingo lwaso beluvaliwe.
Uma kuwukuthi uMcCarthy ugcina ejoyine iWits, uHunt akwaziwa ukuthi uzophelela kuphi. Ngesizini edlule kube nezinkulumo ezimmatanisa neKaizer Chiefs esiqashe * -Ernst Middendorp.
Akubukeki engabuyela kwiSuperSport United, ashiya eyiwinele isicoco seligi kathathu kulandelana, okuthiwa nayo izingela umqeqeshi. Amatsatsantsa a Pitori kuvela ukuthi ahlwaya ngisho phesheya kwezilwandle kodwa abheke ngeso lokhozi isimo sikaStuart Baxter ikusasa lakhe elicikizelayo kwiBafana Bafana.
ICity inyukele endaweni yesithathu kwi-log yePremiership. Isele ngephuzu kwi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns ababambene esicongweni ngawu-40 iqembu lilinye.
“Sigijima owethu umjaho, asifuni ukudotshelwa ekutheni sikhulume eyeligi. Kithina wukubhekana nomdlalo ngamunye. Manje sibheke kwiPolokwane City. Noma nina nifuna ukushutha i-log, thina asikwenzi lokho. Sihamba ngejubane lethu, siyakwazi esingakwenza. Ngakho asifuni ukuzifaka ingcindezi engenasidingo ngokucabanga ukuthi sesibanga isicoco seligi. Abadlali bami abaningi abakaze bakuzwe lokho. Sifuna bakujabulele ukuba semehlweni abantu nabakusebenzelayo ejimini usuku nosuku. Bonke banakho abazibekele khona ngabodwana kodwa kukhona esikufunayo sonke siyiqembu," kusho uMcCarthy.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
NgoMgqibelo: Highlands Park v Baroka FC (Makhulong Stadium, 3.30pm); Polokwane City v Golden Arrows (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Kaizer Chiefs v Maritzburg United (FNB Stadium, 6pm); AmaZulu FC v Bidvest Wits (King Zwelithini Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Black Leopards v Chippa United (Thohoyandou Stadium, 3.30pm); SuperSport United v Free State Stars (Lucas Moripe Stadium, 3.30pm)