UKUFANISA nokuba yibutho elijutshwe endlunkulu ukusayiniswa ngaMaZulu FC, uVeluyeke “Tawa” Zulu, ongomunye wabadlali abasanda kwethulwa yiqembu.
Kuleli sonto AmaZulu amemezele ukusayinisa abadlali abangu-10, okubalwa kubo noZulu obekwiChippa United.
Abanye kube nguFrank Mhango osuka kwi-Orlando Pirates, uDumisani Zuma obekwiKaizer Chiefs, uThendo Mukumela ovela kwiCape Town Spurs, uRiaan Hanamub naye obekwiChippa United no-Augustine Kwem, obekwiTS Galaxy.
Kubikwe ukuthi kuseza abanye ababili abavela ngaphandle nababili futhi abazokhushulwa eqenjini eliphakela elikhulu loSuthu elidlala kwiDStv Diski Challenge.
KwiChippa, uZulu odabuka oLundi, ushaye into ecokeme kangangoba uze wabizelwa nasesikwatini seBafana Bafana ebesizodlala neGuinea neFrannce.
Ugcine engangenanga esikwatini esibabele e-Europe, okuyinto athi ubona ezothola amandla okuyishintsha esedlala kuMaZulu.
“Bengingayilindele eyokufunwa ngaMaZulu. Ngamangala sengitshelwa yimenenja kwiChippa ukuthi AmaZulu ayangifuna. Ngijabule kakhulu ukuthi igcine ihlangene.
“Uma ngibuka uhambo lwami kusuka ngo-2014 ngifika eThekwini ngizodlala kwiMaritzburg United, kubukeka sengathi bengivele ngibazelwa ukufika kuMaZulu senginamava ebutho.
“Ngidlale kwiMaritzburg, Lamontville Golden Arrows neRichards Bay FC ngaphambi kokuya kwiChippa. Wonke la mava ngibona ezongenza umdlali ongcono kakhulu kuMaZulu,” kusho uZulu.
Zimbili izinto ezimjabulisayo uZulu ngokuya kuMaZulu.
Okokuqala, wukuthi: “Sengizoba seduze nomndeni wami ngokubuyela KwaZulu-Natal. Lokho kuzongenza ngikwazi ukuzinikela ngokuphindiwe enkundleni. Ebholeni kuke kube khona izimo ezidala isithukuthezi kanti uma unomndeni wakho eduze uyakulekelela kulezi zimo. Sekuzoba lula kakhulu ukubona nezingane zami.”
Okwesibili, wukuthi: “KuMaZulu ngiya eqenjini elikhombisa intshisekelo yokunqoba izicoco okuyinto nami esengishoda ngayo empilweni yami ekubeni ngumdlali webhola. Nginamava futhi ngijabule ngaleli gxathu.”
UZulu kuMaZulu uzofica omkhaya bakhe uThembela Sikhakhane noSandile Khumalo nabo abayibamba emuva.