UMA kuya ngempendulo enikezwe umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt, ngesikhathi ebuzwa ngamalungiselelo ezakhe eCaf Champions League, kubukeka sengathi leli qembu laseSoweto lisazoqhubeka nokuzishayela udaka kulo mqhudelwano omkhulukazi emaqenjini asezwenikazi i-Afrika.
Izolo IziMpofana zibhekise amabombo eCameroon njengoba zizodlala nePWD Bamenda engompetha beligi yakuleliya lizwe. Lo mdlalo ongowomlenze wokuqala ungeSonto ngo-2 ntambama.
Okugqamayo ngeBamenda wukuthi iyaqala ngqa ukudlala kwiChampions League emlandweni wayo.
Ngenxa yezinkinga ezibhekene neChiefs kwiDStv Premiership, njengoba ihlulwe okwesibili kwiligi, iguqiswa yiSwallows FC ngo 1-0 ngoLwesibili eDobsonville Stadium, uHunt ukhulume sengathi ufisa kudlalwe kusheshwe, kubuywe kuzoqhutshekwa nempi enzima ababhekene nayo kuleli.
“Sizoya sidlale, ngethemba lokuthi sizokwenza kahle, bese siyabuya sizozama futhi,” kusho uHunt kwiSuperSport ngemuva komdlalo.
IChiefs isanqobe kanye emidlalweni emihlanu yeligi.
Ukushaywa kwayo yiSwallows kufanele wukuthi akubaniki ithemba abalandeli bayo ngokuthi ingahamba ibanga elide kwiChampions League.
Leli qembu laseNaturena alinawo umlando omuhle kulo mqhudelwano. Selivamile ukuphuma zibekwa, lingalibhadi kweyamaqoqo lapho okusuke sekuqhuthana izinkunzi zangempela.
Ephawula ngomdlalo wezabo neSwallows uHunt, uthe: “Kuyaphoxa impela okwenzekile, ngeke lokho sikubalekele. Bekungebona abantu okufanele basehlule, kwazise abakaze babe yingozi umdlalo wonke. Siwakhile amathuba, sashaya negoli (alizange libalwe). Angisiqondi isizathu esenze langabalwa igoli, kodwa siwakhile amathuba sashaya nepali. Kumele ushaye amagoli, lokhu esingakwenzanga. Bathola ithuba elilodwa, lakhala enethini, manje-ke ungathini.”
Emidlalweni emihlanu yeDStv Premiership, iChiefs inamaphuzu amahlanu.
Izizathu zokungenzi kahle kweChiefs ziningi, uma ulalelisisa kahle abahlaziyi bebhola kanye nabalandeli bonkana kunobhutshuzwayo, kuyavela ukuthi uhlobo lwabadlali oluficwe wuHunt kuleli qembu, aluhambisani kahle nesitayela sakhe sokudlala.
Abanye kulabo badlali iminyaka ihambile, abasadlali njengakuqala. Bakhona nabasola indlela iqembu eliphethwe ngayo nangohlobo lwabadlali abasayiniswayo. Enye inkinga wukuthi uHunt ufike ngesikhathi iChiefs inesigwebo sokungakwazi ukusayinisa abadlali ebafisayo amawindi amabili, okusho ukuthi kumele asebenzise izinduku azificile noma ngabe sezivoveke kangakanani.
Ilog yeDStv Premiership
Amaqembu P W D L F A Pts
Swallows 5 3 2 0 5 1 11
Sundowns 4 3 1 0 9 3 10
Pirates 4 2 2 0 5 3 8
Baroka 4 2 1 1 6 4 7
CPT City 4 2 1 1 6 5 7
Arrows 4 1 3 0 7 5 6
TS Galaxy 4 1 3 0 2 1 6
SuperSport 4 2 0 2 5 5 6
Stellenbosch 4 1 2 1 4 3 5
Tshakhuma 4 1 2 1 2 3 5
Chiefs 5 1 2 2 3 6 5
AmaZulu 4 1 1 2 6 6 4
Chippa 4 1 1 2 4 5 4
Leopards 4 1 0 3 2 7 3
Celtic 4 0 1 3 3 7 1
Maritzburg 4 0 0 4 2 7 0