NHLANHLA SITHOLE
UKUKHOMBISA izimpawu zokuzalwa kabusha kwesiqongqwane seMamelodi Sundowns, enkabeni yenkundla u-Andile “AJ” Jali, kuholele ekutheni ithimba labaqeqeshi limkhuthaze, limgixabeze ngebhande lobukaputeni ukuze aqhubeke nokuziphatha kahle njengomholi.
Exoxa neSolezwe ngeSonto umqeqeshi weSundowns uManqoba Mngqithi, uthe iyabamangaza indlela uJali odabuka eMatatiele, e-Eastern Cape, aguquke ngayo kusukela ngesizini edlule kuze kuba yimanje.
“Ngabe umuntu ukhuluma iphutha uma engathi sike sabanenkinga no-AJ (Andile Jali), kusukela ngesizini edlule kuze kube yimanje. Ungumdlali owenza zonke izinto ngendlela. Ufika ngesikhathi lapho sizilolongela khona futhi wenza konke ngendlela. Emdlalweni uzinikela ngakho konke anakho ukuqinisekisa ukuthi iqembu liyaphumelela. Umuntu uyaye azibuze ukuthi ngempela kwenzekeni kuye okushintshe impilo yakhe,” kusho uMngqithi.
Uqhube wathi: “Okusenze samnikeze ibhande lokuba ukaputeni yingenxa yokuthi sifuna abone ukuthi siyayibona indlela enhle aziphethe ngayo, nokuba yisibonelo esihle kwabanye abadlali. Iqiniso lithi sonke sigculisekile yindlela azinikele ngayo eqenjini muva nje.”
Ukuzalwa kabusha kukaJali, kufakazelwe nawukuthola umklomelo wokuba ngumdlali wosuku amahlandla amabili, selokhu ethathe ibhande lokuba ukaputeni kuMosa Lebusa, nakuDenis Onyango abasalimele nokuyikhona okumvulele intuba.
Ngakolunye uhlangothi lo mdlali akagcinanga ngokuthatha ibhande lobukaputeni, nasenkundleni ugila izimanga njengoba ebukeka efuna ukuba ngungqongqoshe wale ndawo kungakhathaleki ukuthi badlala naliphi iqembu.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi kunabanye abadlali okungenzeka bagixabezwe ngethuba lokugqoka ibhande lobukaputeni, okunguThemba “Mshishi” Zwane noPeter Shalulile.
“Sifuna ibhande lijikeleze bonke abadlali abasohlwini lokuthi bangalihola iqembu, uma kudingeka. Ungamangali uma ngelinye ilanga ubona uThemba noma uPeter begqoke ibhande. Sizama ukuthi lizungeze kubadlali esibona bengakwazi ukuhola iqembu, ukuze sigcine sithole okunguyena yena esingathi ungukaputeni weqembu njengamanje,” kubeka uMngqithi.
Ebuzwa ukuthi ngabe yini imfihlo yabo ngale sizini njengoba bebonakala belokhu bewaqoqe njalo amaphuzu, ngabe bafuna ukuphinda esangesizini edlule ngokuthi baqede bengazange bashaywe, uthe bona bathi besebenza bebe bebuka phambili.
“Okunye kubalulekile ukuba niqoqe amaphuzu ngesikhathi enibanga nabo besazama ukuthola umgqigqo. Ngokunjalo siyazi ukuthi kusazokuba nzima njengoba sizodlala imidlalo yeCaf Champions League. Ngakho kumqoka ukuthi sisebenze kusakhanya kungaze kuhlwe ngomnyama.”