KUQHILIKA izihlathi kumqeqeshi weSuperSport United ngomsebenzi womgadli uThamsanqa Gabuza, oshaye amagoli amabili ezakhe zihlula iTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership eMbombela Stadium ngempelasonto.
I-SuperSport iwine ngo 3-0 kanti amabili kula magoli akaGabuza, kuthi elilodwa kube ngelikaBradly Grobler. UGabuza uwashaye emizuzwini eyisihlanu yokuqala yomdlalo. Ugcine eqokwe njengomdlali ovelele wosuku. Nasemdlalweni odlule nguGabuza olamulele Amatsatsantsa edlala ngokulingana neChippa United, eshaya igoli umdlalo usuyophela.
“UGabuza udlala kahle kakhulu phambili noBradley. Ngicabanga ukuthi manje sidlalisa uGabuza ngendlela anamandla ngayo. Muhle kakhulu emoyeni futhi uyakwazi ukusibambela ibhola, avumele uBradley ukuthi adlale eduze kwakhe. Lokho kwenza kube nzima emaqenjini esidlala nayo ukubopha amaqhinga okuvimba uBradley ngenxa kaGabuza owenza wonke umsebenzi onzima. SinoKuda (Kudakwashe Mahachi) noJones (Gamphani Lungu) abagoba amabhola ezinhlangothini okuyinto esiyifunayo. Ngijabule kakhulu,” kusho uTembo.
Mayelana nokuwina kwabo kwiGalaxy uthe : “Siqale ngendlela efanayo nangesikhathi sidlala neChippa, sakha amathuba amahle emizuzwini eyisihlanu. Kulokhu siwasebenzise kahle. Lokho kusiqede uvalo emdlalweni. Sidlale ngendlela esiyijwayele. Obesekudingeka ukuthi siwulawule nje umdlalo. Sikwenze kahle kakhulu.”
I-SuperSport isiwine imidlalo emine kweyisihlanu ilandelana, yenyukela endaweni yesithathu kwi-log yeDStv Premiership ngemuva kweMamelodi Sundowns neSwallows. Emidlalweni emibili yakamuva ishaye amagoli ayisihlanu nabekwe enethini nguGabuza noGrobler osefice irekhodi lamagoli angu-57, likamufi u-Abram Raselemane kwiSuperSport.
NgoLwesithathu iSuperSport izobhekana neBloemfontein Celtic emdlalweni wePremiership, eLucas Moripe Stadium ngo-5 ntambama.
“Kade sazi ngaphambi kwamaholidi kaKhisimuzi ukuthi ngoJanuwari sizoba nemidlalo eminingi. Ngakho sizilungiselele kahle. Ngakho kusasa (izolo) sizokwelula ngendlela ejwayelekile, abadlali abangadlalanga bazoziqeqesha. NgoMsombuluko sizoqala amalungiselelo omdlalo weCeltic,” kusho uTembo.