AmaZulu (0) 2
SuperSport United (0) 1
AMAZULU anqobe okokuqala ngoLwesithathu ebusuku kwisizini ka-2022/2023 yeDStv Premiership ngokuguqisa iSuperSport United ngo 2-1, eMoses Mabhida Stadium.
Amatsatsatsa agadle kuqala ngegoli likaThapelo Maseko, esiwombeni sesibili kodwa uSuthu lwabuya ngokubasela amagoli amabili avalelwe nguGabadinho Mhango noBongi Ntuli.
Womabili amaqembu abefuna amaphuzu amathathu ngemuva kokudlala ngokulingana emidlalweni yokuvula isizini ngempelasonto edlule. Usuthu lwabambana neTS Galaxy ngo 0-0, iSupersport yadlala ngokulingana neChippa United ngo 1-1.
EzikaGavin Hunt zingene kuqala emdlalweni zasheshe zathola ithuba ngomzuzu wesibili, uSiyabonga Nhlapo eligobela kuThabang Sibanyoni ogxume kahle kodwa walishaya phezu kwepali.
Emuva kwemizuzu eyisithupha uSibanyoni ukwazile ukulibhekisa epalini ngomzuzu wesishiyagalombili, lamthola emi kahle unozinti waMaZulu, uVeli Mothwa, walichilizela eceleni.
Luphoqelekile uSuthu ukuthi lwenze ushintsho ngomzuzu ka-18 ngenkathi kulimala obeyibambe ngakwesokudla emuva, uThendo Mukumela. Indawo yakhe ithathwe nguThembela Sikhakhane.
USibanyoni uphinde wathola elinye ithuba ngomzuzu ka-28 ngesikhathi uBradley Grobler emsethela kahle ibhola ngekhanda kodwa waphinde wasebenza uMothwa walichithela ngaphandle.
Amatsatsatsa agcine elitholile igoli lokuvula ngomzuzu ka-56 nge-freekick ekhahlelwe nguMaseko, yashayisa udonga yayongena phakathi.
Umqeqeshi woSuthu wenze izinguquko ezimbili ngomzuzu ka-61, efaka uMhango no Ntuli ezikhaleni zikaSphesihle Maduna noSibusiso Magaqa.
Simsebenzele isinqumo ngoba uMhango ushaye igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-65. UHanamub ugobe ibhola eliwumgundatshani ngakwesokunxele, uMhango wafaka unyawo lakhala phakathi.
U-Augustin Kwem, obengalitholi kahle ibhola esiwombeni sokuqala, uthole amathuba amabili amahle ngekhanda kodwa elokuqala livinjwe ngunozinti uBoalefa Pule, elesibili laphuma eceleni kwepali.
Igoli elenze Usuthu lwaqoqa amaphuzu aphelele lishaywe nguNtuli ngomzuzu ka-78 kulandela ibhola elihle ebeligotshwe nguKwem.
Zizamile izivakashi ukubuya ngasekugcineni kodwa zathola u-Abbubaker Mobara noMbongeni Gumede sebevale ngci.