UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uLehlohonolo Seema, ukhombise izimpawu zokuba novalo ngomkhuba omubi athi unyonyobela iqembu lakhe emidlalweni yakamuva yeDStv Premiership.
Abafana Bes’thende bakunombolo-10 kwi-log ngamawini amabili emidlalweni engu-11 okuphelezelwa ukudlala ngokulingana amahlandla ayisithupha.
Leli qembu eliqede isizini edlule libatshazwa ngengcwenga yebhola, lisayithole kathathu induku kusukela kuqale isizini ka-2021/2022.
USeema, othathe lo msebenzi kulandela ukushiya kukaMandla Ncikazi ngasekupheleni kwesizini edlule, akazange ashintshe lutho okufakazelwa wukuthi nakule sizini, i-Arrows ibalwa namanye amaqembu okunzima ukuthola amaphuzu agcwele kuwona.
Kuyamjabulisa lokhu uSeema futhi uzishaya isifuba ngokuthi akashintshanga lutho ngesikhathi efika kodwa kukhona okwenziwa iqembu lakhe okungamhleli kahle kulezi zinsuku.
“Ngineme ngakho konke abadlali bami abakwenzayo kusukela ekuziqeqesheni kuze kufike emidlalweni kodwa lo mkhuba wokudlala ngokulingana njalo awungihleli kahle ngoba ngeke usiyise ndawo,” kusho lo mqeqeshi kwabezindaba ngemuva komdlalo wabo ne-Orlando Pirates ophele kungu 0-0.
“Kuhle ukuthi amagoli awasangeni ngakithi kodwa futhi bese kungokwesithathu kulandelana ukuthi sidlale ngokulingana. Lokhu kuyasiphoqa ukuthi sishintshe ukuqalaza, siqale sinqobe imidlalo,” kusho yena.
I-Arrows ibambana nePirates nje, ibisanda kuthola umphumela ofanayo emdlalweni ewugijime neStellenbosch FC eKapa.
Ngaphambi kwalowo mdlalo, ezikaSeema bezicazelane ngamaphuzu neSwallows FC. Nakhona lapho alikho iqembu elibone ngalapho amapali abegxunyekwe ngakhona.
Lo mqeqeshi ukhala nje akaqali, isizini isanda kuqala ubekhononda ngokudedela izitha ukuba zilinganise umdlalo usuyophela.
Kusobala-ke ukuthi usekulungisile lokho kodwa inkinga isesekuvaleleni phakathi amathuba abawakhayo.
I-Arrows egcine ukuwaqoqa egcwele ngasekuqaleni kuka-Okthoba, izovakashelwa iBaroka FC emdlalweni weligi ngeSonto ngo-3.30 ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.