ZAKHELE XABA
USENALO ithemba lokuphunyuka emlonyeni wengwenya umqeqeshi wePolokwane City, uClinton Larsen, ezakhe ezidinga ukuwina ngamagoli ayisishiyagalombili ukuze zizosinda ezembeni.
IRise And Shine, esemsileni we-log, ingene obishini emuva kokuhlulwa yiMamelodi Sundowns ngo 3-0 emdlalweni we-Absa Premiership ngoLwesithathu. Indlela yokuzisindisa esele eyokuthi ibhudluze iBidvest Wits emdlalweni ozoba seFNB ngoMgqibelo ngo 3.30 ntambama ukuze ilingane ngamaphuzu neBaroka esendaweni ka-15.
ULarsen, uthe bakhathazekile ngesimo abazifake kuso kodwa bazolwa kuze kukhale impempe yokuqeda umdlalo.
"Sekunesikhathi sikhathazekile. Uma usemsileni we-log ukukhathazeka yinto yakhona. Kufanele sizame ukushaya noma amangakhi amagoli esizophumelela ukuwashaya. Kusobala. Silapha esikhona ngenxa yemisebenzi yethu. Kufanele sizame ukushaya amagoli. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi siyalwa kuze kube sekugcineni," kusho uLarsen.
Ukuhlala emsileni kwePolokwane kubeka engcupheni ikusasa likaLarsen nenqwaba yabadlali okukhona kubona ukaputeni uJabu Maluleke osenqabe iminyaka efunwa yi-Orlando Pirates. ULarsen ujoyine iRise And Shine ngoDisemba, engena endaweni kaZlatko Krmpotic waseSerbia. Ngaleso sikhathi ibikade iwine imidlalo emine kwengu-12.
Ngaphansi kukaLarsen iPolokwane iwine imidlalo emithathu kuphela.
Umsebenzi omhlalele manje owokugqugquzela abafana bakhe okungabuzwa ukuthi sebeqalile ukukhathazeka ngekusasa uma iqembu ligcina lehlela kwiGladAfrica Championship.
"Sonke siyazi ukuthi isimo esikuso sisho ukuthi kufanele siyibheke indlela esithatha ngayo abadlali, sibe nozwelo ngendlela abazizwa ngayo. Kuwumsebenzi wami nethimba labaqeqeshi ukwenza isiqiniseko sokuthi siyabagqugquzela ngaphambi komdlalo wokugcina. Sizokwenza konke okusemandleni njengoba senzile koweSundowns. Sinethemba lokuthi sizowuthola umphumela esiwufunayo. Yilokho esingazama ukukwenza," kusho uLarsen.