UHLALE phezu kocingo umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, washayela uSead Ramovic, opheka iTS Galaxy, noHugo Broos oyinhloko yabaqeqeshi kwiBafana, kulandela izinkulumo abazenze ngaye ngokwahlukana kwabezindaba.
Lokhu kuvezwe uMokwena kwabezindaba kuleli sonto. Uthe uBroos usexolisile waze wachaza nokuthi yini edale ukuthi akhulume ngaye ngale ndlela okusobala ukuthi ayihlalanga kahle kuyena.
UMokwena ubhoboke ngalokhu esithangamini nabezindaba lapho ebezogeqa khona amagula ngezinhlelo zomdlalo wabo weLast 16 yeNedbank Cup neNB La Masia ogijinywe izolo eDobsonville Stadium, eSoweto.
Ngaphambi kokuqala kwe-Africa Cup of Nations (Afcon), uBroos obekhuluma nephephandaba langakubo eBelgium, wachaza uMokwena njengomqeqeshi ozenza unkulunkulu webhola laseNingizimu Afrika.
Okuqhathe uMokwena noRamovic yinkulumo yalo mqeqeshi waseSerbia ayenza kwabezindaba kulandela ukukhipha kwakhe iSundowns kwiCarling Knockout Cup sekukhahlelwa amaphenathi.
Emuva kwalowo mdlalo, oyohlale ukhumbuleka ngokuphuka fahla kukaBernard Parker edlaliswa kabi nguBongani Zungu, uRamovic wakhwela wadilika kuMokwena emsola ngokuthi ufuna kuhlale kwenzeka ngendlela yakhe futhi akababongeli abanye uma bemehlulile.
‘’Kwesinye isikhathi kufanele wamukele induku, ubuyele ekhaya uyolungisa amaphutha kodwa umqeqeshi weSundowns kuyamehlula lokhu. Njalo kufanele kube nezaba kumbe kube nakhononda ngakho uma ehluliwe,’’ washo kanje kwabezindaba uRamovic.
UMokwena uthe usebathintile bobabili laba baqeqeshi ngoba yena ukholelwa ekutheni umuntu akhulume naye ngqo, hhayi ukumgudla kwabezindaba.
‘’Angiyena umqeqeshi osebenzisa abezindaba uma kukhona engifuna ukukusho, ikakhulukazi uma kuthinta abanye ozakwethu,’’ kusho uMokwena.
‘’Ngethemba ukuthi nonke niyazi ukuthi uzakwethu kwiTS Galaxy (Ramovic) utheni ngami. Angenzanga njengaye kepha ngithathe ucingo ngaluqondisa ngqo kuyena ngimazisa ngokungenami kwami ngesenzo sakhe.
‘’NoBroos kukhona akushilo ngami, naye ngathatha ucingo ngaluqondisa kuyena ngimazisa ngokungeneliseki ngendlela akhulume ngayo ngami.
‘’Kukubona uRamovic noBroos ukuthi bazimisele yini ngokunitshela ukuthi ngitheni kubona. Ngiwumuntu okhuliswe ngenhlonipho nokukhuluma aqonde ngqo kumuntu, hhayi kwabezindaba. Kuhle nje ukuthi uBroos usexolisile wangichazela nokumenze wakhuluma ngendlela akhulume ngayo,’’ kuphetha uMokwena.
UBroos wayesole uMokwena ngokuzenza uJose Mourinho webhola laseNingizimu Afrika.
‘’Uneqembu eliqinile futhi uzidla zonke izinkomishi. Konke akushoyo bayakulalela eNingizimu Afrika okuyinto emkhukhumalisayo aze azibone ukuthi unguMourinho waseNingizimu Afrika noma ungunkulunkulu uqobo,’’ kusho uBroos ekuqaleni kwenyanga edlule.