STHEMBISO NGOBESE
UBONGA umengameli waMaZulu FC nomqeqeshi, uBenni McCarthy, ngokumnikeza ithuba lokubuyela enkundleni uThabo “Section 10” Qalinge ongumdlali wasesiswini osanda kujoyina uSuthu.
UQalinge odabuka eTembisa, ujoyina uSuthu nje besekunesikhathi eside engabonakali enkundleni kulandela ukuhlukana kwakhe ngesizini edlule neSuperSport United engayivuselelanga inkontileka yakhe. Ngaphambi kwalokho ubekade egijima kwi-Orlando Pirates abesedlale kuyona amasizini amahlanu.
Ngempelasonto edlule, uQalinge uzifake ezinhliziyweni zabalandeli boSuthu ngesikhathi elutakula kukubi lubhekene neStellenbosch FC emdlalweni weDStv Premiership obuseDanie Craven Stadium, eKapa.
Ushaye igoli lokunqoba sekubukwa amawashi kulo mdlalo obunzima kuwona womabili amaqembu.
Ukunqoba kwaMazulu kwenze anyukela endaweni yesibili kwi-log okokuqala ngqa emlandweni wawo selokhu kwasungulwa iPremier Soccer League (PSL) ngo-1996. Kanti seziqoqe amaphuzu awu-40 emidlalweni ewu-22. Zilandela iMamelodi Sundowns eqhwakele ngamaphuzu awu-46.
Ekhuluma neSolezwe ngokujoyina kwakhe uSuthu, uQalinge uthe ujabule kakhulu ngokuba yingxenye yomndeni waleli qembu elinomlando onothile ebholeni lakuleli.
“Ngijabule kakhulu ngethuba engilinikezwa ngumengameli weqembu, ubaba uSandile Zungu nomqeqeshi uBenni, ngemuva kwesikhathi eside ngingasabonakali enkundleni. Bekunzima kakhulu ukuhlala izinyanga eziyisishiyagalolunye ngingenaqembu.
“Ukujoyina iqembu elifana naMaZulu kufana nesibusiso esikhulu kimina kwazise anomlando omuhle kakhulu ebholeni lakuleli. Ngaphezu kwalokho, alandelwa ngabantu abaningi.
“Nakuba ngingafuni ukuzifakela ingcindezi kodwa ngizimisele kakhulu ukwenza ngakho konke okusemandleni ami ukusiza iqembu ekutheni lifeze izinhloso zalo zokubalwa namanye ahamba phambili kwiDStv Premiership,” usho kanje uQalinge odle ngejubane kanye nomjiko oya phambili.
Lo mdlali uqhube wathi: ”Okuhle kakhulu ngaMaZulu wukuthi kukhona abadlali abaningi engidlale nabo phambilini nalabo ebengibhekana nabo bekwamanye amaqembu nokuyinto eyenza ukuthi ngisheshe ngijwayele kalula izinto ngendlela ezenziwa ngayo lapha eqenjini. Ngaphezu kwalokho, ukusebenzisana nomqeqeshi uBenni kuyinto enkulu kakhulu kimina njengoba engumuntu ohlonishwayo kakhulu ebholeni lakuleli. Ungumqeqeshi okhaliphile futhi okwaziyo ukukhuthaza abadlali bakhe. Ngicabanga ukuthi iqembu lizokuya kude kakhulu ngaphansi kobuholi bakhe.”
AmaZulu azoze abuyele enkundleni ngo-Ephreli 21 ekhaya eJonsson Kings Park Stadium koweligi.