ISETHENJWA se-Orlando Pirates, uVincent Pule, situsa umfutho ofike nabadlali abasha kweZimnyama.
IPirates idlulele kowamanqamu weMTN 8 emuva kokuhlula izimbangi iKaizer Chiefs kowandulela owamanqamu ngo 5-0 uma sekuhlanganiswa imiphumela yemilenze yomibili. Yagcina ukuwina indebe ngo-2014 iqukula iNedbank Cup.
Kuqhilika izihlathi kuPule uma ekhuluma ngokushintsha kwezinto kweZimnyama selokhu kufike abadlali abasha abanye asebevele badle ijezi esikimini sikaJosef Zinnbauer. Kulaba badlali kukhona uDeon Hotto, Terrence Dzvukamanja, Richard Ofori, Thulani Hlatshwayo noThabang Monare.
“Abadlali abasha bafike baliqinisa kakhulu iqembu. Kumnandi kakhulu ukuba nabo. Bafike nomfutho nokucabanga okuhle eqenjini. Okumnandi kakhulu wukuthi kuphuma umdlali osezingeni eliphezulu kungene omunye onjalo. Ngicabanga ukuthi sineqembu elihle elenza kahle okwamanje. Okufanele sikwenze wukuqhubeka nokugxila emsebenzini osimele. Kungaba yinto enhle uma lesi sizukulwane singasiqeda isomiso sezindebe eqenjini ngoba sesiside isikhathi. Sekuphele iminyaka eyisithupha. Kungaba yinto enkulu. Sijabule kakhulu ukuba kowamanqamu weMTN 8,” kusho uPule.
Kowamanqamu weMTN 8, iPirates izobhekana neBloemfontein Celtic ngoDisemba 12 enkundleni esazomenyezelwa. Ngaphandle kokuthi leli yithuba lendebe kubadlali abaningi kwiPirates abangakaze bawine lutho, kuzoba owamanqamu wokuqala kaZinnbauer ongakangeni khaxa ezinhliziyweni zabalandeli beZimnyama. Ujoyine iPirates maphakathi nesizini edlule emuva kokugudluzwa kukaRhulani Mokwena obephikwa yimiphumela.
“UZinnbauer ngumqeqeshi ofuna inhliziyo ngaphezu kwekhono lakho. Ungaba nalo ikhono kodwa uma inhliziyo yakho ingekho, ngeke uwine lutho. Ufuna abadlali abasebenza kanzima. Umqondo nendlela yokucabanga kufanele kube kahle. Yilokho akushintshile selokhu efikile kwi-Orlando Pirates,” kusho uPule.
Ngempelasonto kaDisemba 4-6 iPirates izodlala kowomlenze weCAF Confederations Cup neqembu elizowina phakathi kweSagrada Esperanza yase-Angola neMbabane Swallows yaseSwatini. Owomlenze wesibili uzoba ngoJanuwari 5-6 ngonyaka ozayo.