UKUQALA kahle emidlalweni yokuhlunga ye-Absa Premiership kuzokwenza ube lula umsebenzi weMaritzburg United wokugcina indawo yayo esigabeni esiphezulu sebhola.
Lokhu kushiwo wumqeqeshi we-United, u-Eric Tinkler, ngemuva kokuzibekisela indawo kweyokuhlunga ngempelasonto.
ITeam of Choice iye emidlalweni yokugcina ye-Absa Premiership ihleli emsileni, idinga okungenani iphuzu ukuzisindisa ezembeni ibhekene neBaroka FC.
Kuke kwabukeka sengathi izokwenza lokho ihamba phambili ngegoli likaFortune Makaringe esiwombeni sokuqala somdlalo obusePeter Mokaba Stadium ngempelasonto.
Nokho iTeam of Choice igcine iwadedelile amaphuzu amabili iBaroka ilinganisa esiwombeni sesibili. Ukushaywa kweFree State Stars kugcine kuyisizile ngokuthi kuchilizele yona ezembeni.
EzikaTinkler zizodlala eyokuhlunga namaqembu amabili aqhamuka kwiNational First Division (NFD) ukulwela ukubuyela esigabeni esikhulu.
Zizovula neRoyal Eagles ngeSonto ekhaya bese zilandela neTshakhuma ekuhambeni ngoMeyi 22. Imidlalo, okukhona kuyo eyasekhaya neyasekuhambeni, iyoze iphele ngoJuni 1 sekuphuma elizoba ngelika-16 kwi-Absa Premiership ngesizini ezayo.
“Sijabule ngokuthi silivikile izembe kodwa kukhona ukuphoxeka ngoba besingathanda ukuyivika eyemidlalo yokuhlunga futhi belikhona ithuba lokwenza lokho. Ngebhadi akwenzekanga. Manje sekumele sizilungiselele amanye amasonto amathathu azoba nzima namaqembu akwiNFD ukuze sizigcine siphephile,” kusho uTinkler.
Uthe imiphumela yemidlalo emithathu yokugcina yeligi iyona emqinisa idolo mayelana nokuthi bangayigcina indawo yabo. I-United ishaye iBlack Leopards eThohoyandou, yashaya iSuperSport United eMgungundlovu yase ithola iphuzu kwiBaroka.
“Umdlalo wethu wokuqala usekhaya ne-Eagles ngeSonto bese siya eVenda. Ngakho le imidlalo emibili imqoka, esizokuthola kuyo kubalulekile ngoba kungenza umsebenzi wethu ube lula,” kuchaza uTinkler.
Ebuzwa ukuthi ngabe abadlali bakhe banawo yini amandla okubhekana nemidlalo, uthe: “Kumele. Lapha silwela ukuzisindisa ngayo yonke indlela. Sinesonto ukulungiselela umdlalo (wokuqala). Wumsebenzi onzima ngoba kusho ukuthi abadlali bazohlala lapha enye inyanga kanti ngokujwayelekile basuke sebenemindeni yabo. Kodwa bese ngikhulumile nabo ukuthi bangenzi izinhlelo ngoba kungenzeka siye emidlalweni yokuhlunga ngakho kumele bazilungiselele nangokomqondo.”