UYAHLULEKA ukugudluza igqubu elimbusa njalo uma ezobhekana neKaizer Chiefs, umqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy osezinhlelweni zokuqhubeka nokufaka usizi kuGiovanni Solinas abazodudulana naye kwi-Absa Premiership ngoMgqibelo eCape Town Stadium.
UMcCarthy obekhuluma neCape Argus okuyiphephandaba elisesitebeleni esisodwa neSolezwe, uveze ukuthi nakuba ekhule eyizwa ngaphakathi iChiefs kodwa isenzo sikaBobby Motaung sango-2011 simenza azizwe emelwe ukunyomfa iChiefs njalo uma ebhekene nayo.
Ngesikhathi lo mqeqeshi owayeyingwazi yomgadli ebuya eNingizimu Afrika kade edlala emaqenjini ase-Europe ahlanganisa i-Ajax Amsterdam, Celta Vigo, FC Porto, West Ham neBlackburn Rovers abaningi bebezitshela ukuthi uzobuyela kuMakhosi kodwa lokho akwenzekanga.
Ngesikhathi kuyomenyezelwa inkundla uBenni azobe ebhekene kuyona neSuperSport United kowamanqmau weMTN 8, lo mqeqeshi uveze okuyikona okumhlehlisile kuleli qembu alithandiswa ngenkani ubaba wakhe.
Ngokusho kukaBenni kwakufanele avakashe kuleli bese eyoqala impilo entsha e-United States of America (USA). Uthe wayeziqeqesha ne-Ajax Cape Town ngenhloso yokufika e-USA ewumqemane ngokwanele. “Njengomuntu othanda ibhola futhi owayengakaze awubuke bukhoma owabakhaya baseSoweto ngazithola sengiseGoli. Kulapho ngahlangana khona nosihlalo we-Orlando Pirates (* -Irvin Khoza) wangishela ukuba ngijoyine iqembu lakhe."
UMcCarthy utshele leli phephandaba ukuthi nakuba kwakungelula ukujoyina iPirates kodwa inkulumo kaBobby oyimenenja yebhola kwiChiefs iyona eyamenza wacacelwa ukuthi kufanele aye kwiPirates.
“Ngesikhathi ngiseGoli ngabe sengiziyela endaweni yokudla. Ngenhlanhla noma ngebhadi noBobby wayesendaweni efanayo ngosuku olufanayo. Ngemuva kwalokhu kwabhebhetheka amahlebezi okuthi ngiya kwiChiefs ngoba benginoBobby endaweni eyodwa. Esephikisa lawo mahlebezi uBobby wakhuluma kabuhlungu etshela abezindaba ukuthi iphelile indaba yami ngakho ngeke basayinise ikhehla.
“Kusukela ngizwe lokho ngabe sengiba negqubu neChiefs. Kimina ukuhlulwa yiChiefs akwehli kahle ngoba njalo ngihlale ngifisa ukukhombisa uBobby ukuthi angilona ikhehla. Ngijabule ngengikwenze ngibhekene neChiefs ngisadlala kodwa namanje njengoba sengiwumqeqeshi kusabuya lokho uma ngizobhekana nayo. Ngihlale njalo ngiphupha ngokubazwisa ubuhlungu abeChiefs, yize ngikhule ngingumlandeli wayo. Ekhaya ubungeke ulandele elinye iqembu ngoba ubaba wami ubengakuxosha. Ngiyilandele kanjalo iChiefs njengoba sengithanda ukuyehlula manje,” kuphetha lo mqeqeshi.