UMGADLI waMaZulu, uBongi Ntuli, uqede amahlebezi ngekusasa lakhe evuselela inkontileka yakhe naleli qembu.
Isolezwe lipotshozelwe ukuthi uNtuli, obekusabalele ukuthi ufunwa yi-Orlando Pirates, uvuselele inkontileka noSuthu ngeminyaka emithathu. Ukungasitholi kwakhe isikimu ngaphansi komqeqeshi uBenni McCarthy yikhona okuqinise izinkulumo zokuthi uzolufulathela Usuthu kwazise inkontileka yakhe ibizophela ekupheleni kukaJuni.
Umengameli waMaZulu, uSandile Zungu, uyiqinisekisile eyokuvuselela kukaNtuli, waveza nokuthi uLehlohonolo Majoro, Siyethemba Sithebe noSiphesihle Maduna nabo bazibophezele eminye iminyaka oSuthwini.
"UNtuli ungumdlali obalulekile eqenjini. Besihlala sisho ukuthi akadayisi. Abantu bebekhuluma bekude kodwa singayingeni indaba yabo ngoba asifuni ukubenza izilima. Uma ufuna ukwakha iqembu awulokhu uthenga udayisa, ukuthi umdlali uzonele ashaye igoli bese uyamdayisa njalo. Lokho akulakhi iqembu. Uma kunjalo uzothola umnikazi weqembu ehamba ngemoto yohlobo oluphambili kodwa iqembu libe lidonsa kanzima. Kufanele sisebenze ekutheni sibagcine abadlali abamqoka eqenjini ngaphandle uma bethola amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle," kusho uZungu.
Imizamo yayizolo yokuthola imenenja kaNtuli, uMandla Mthembu, ayiphumelelanga kwazise ucingo lwakhe beluvaliwe.
AmaZulu abambe umoya ngethuba lokuyodlala kwiCAF Champions League ngesizini ezayo kulandela ukuqeda endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership. Amathuba Osuthu ancike empumelelweni yeKaizer Chiefs ezodlala kowomlenze wesibili owandulela owamanqamu neWydad Casablanca yaseMorocco ngempelasonto. Uma Amakhosi ewuwina lo mqhudelwano luzosala Usuthu, bese Amakhosi aphindela kuwona ukuyovikela indebe neMamelodi Sundowns engompetha beligi.
UZungu uveze ukuthi sebephakathi nezinhlelo zokuhlomela isizini ezayo, wakuqinisekisa ukuthi sebesayinise abadlali ababili abebeyibamba kwiMaritzburg United, uKeegan Buchanan noMxolisi Kunene odlala emuva kwesokunxele. Leli phephandaba lihoshe ukuthi AmaZulu afuna uSipho Mbule weSuperSport United.
"Siphezu kwawo amalungiselelo. Yikhona ukuthi asikawaqedi. NgeSonto lokuqala kuJulayi sizoqala siyozicijela isizini ezayo. Bakhona abadlali esesibatholile kodwa abanye ngeke ngibadalule okwamanje. Abanye kuzokwethuka abantu uma sesibethula ngokusemthethweni," kusho uZungu.
AmaZulu asevele ahlukene nonozinti uSiyabonga Mbatha osesayine kwiLamontville Golden Arrows, Siphelele Magubane noSibusiso Mabiliso osejoyine iKaizer Chiefs. Abanye okulindeleke ukuthi badedelwe ngumgadli u-Andre De Jong waseNew Zealand noSamuel Darpoh waseGhana.