Sithembiso Mkhize
IBAFANA Bafana ishaywe umqeqeshi uMolefi Ntseki wakhala ngokuthi ulinyalelwa nguLyle Foster umdlalo usanda kuqala.
Ithole induku ka 2-1 emdlalweni wobungani obuseRoyal Bafokeng Stadium, eRustenburg, izolo ntambama.
EzikaNtseki bezidlala kowesibili wobungani, owokuqala ubungoLwesine ezibambane kuwo ngo 1-1 neNamibia.
Imidlalo ibinikeza uNtseki ithuba lokuhlanganisa kahle isikimu sakhe ngaphambi kwemidlalo emqoka yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) iBafana ezoyidlala neSao Tome and Principe ngoNovemba. Kodwa imiphumela nendlela iBafana edlale ngayo ikhombisa ukuthi umsemkhulu umsebenzi ohlalele umqeqeshi othathe izintambo kuStuart Baxter.
Amanye amaqembu eseqoqweni neBafana kweyokuhlunga yiGhana neSudan.
“Ukulimala kukaFoster uqala ngakho kodwa umdlalo kuzibulale kwaziqeda izinhlelo zethu. Okuningi besikwakhele phezu kwakhe. Okunye okusibulele kube wukulahla kwethu ibhola kalula. Ingiphoxile nendlela izitobha zami ezidlale nayo. Kazitshengisanga ukuthi zisezingeni eliphezulu,” kusho uNtseki kwiSABC emuva komdlalo.
UFoster ulinyazwe kanzima nguBenson Sakala waphuma ngohlaka, indawo yakhe yathathwa uKeagan Dolly.
Emdlalweni wayizolo, amagoli eChipolopolo, ecijwa uMilutin Sredojevic, obeqeqesha i-Orlando Pirates, ashaywe ngabadlali abebesuka ebhentshini esiwombeni sesibili, uKelvin Kapumbu ngomzuzu ka-77 noChainza Zulu ngoka-81.
YiBafana eyibone kuqala imbobo yepali ngegoli likaDolly ngemuva kobuchwepheshe bephasi kaPercy Tau obelokhu engqongqozile emapalini ezitha.
IBafana ishaywe isibophele uTau, Themba Zwane noThulani Hlatshwayo abebesebhentshini emdlalweni neNamibia. Kusize unozinti weZambia uSebastian Mwenga, uTau ethi uyibeka phakathi i-free kick.
Ngemuva kwalokhu ezikaMicho bezingena zingenile ebhokisini leBafana kubhoke abadlali uFashion Sakala noLubambo Musonda.
UTau ubuyile wacishe walibeka phakathi ekhahlela engaphandle kwebhokisi inguzunga yeshodi echithwe unozinti. Emuva kwalokhu ubengasapheli ebhokisini lezitha nokho kugqame ukungalekelelwa wozokwabo. Kucishwe kwayiwa esiwombeni sesibili iChipolopolo ihamba phambili emuva kwephutha elenziwe yizitobha zeBafana, kwasiza isigxobo sepali.