OWAYENGUKAPUTENI we-Orlando Pirates, uSiyabonga "Nsimbi" Sangweni, uxwayisa abadlali baleli qembu ngokudlalela ukuzigqamisa ngabodwana kowamanqamu eCaf Confederation Cup.
IPirates izogijimisana neRSB Berkane yaseMorocco kowamanqamu weConfederation Cup eGodwill Akpabio International Stadium, e-Uyo, eNigeria, namuhla ngo-9 ebusuku.
Isethubeni lokuqopha umlando wokuba yiqembu lokuqala eMzansi eliwine yomibili imiqhudelwano yeCaf, iChampions League neConfederation Cup. EZimnyama, ezahlabana ngeChampions League ngo-1995, zifinyelele kowamanqamu weConfederation ngemuva kokuvithiza i-Al Ahly Tripoli yaseLibya ngempelasonto edlule. IBerkane ikhiphe iTP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo (DRC).
"Kufanele bazazi ukuthi bafunani. Yileyo into yokuqala ebalulekile nokuthi awudlaleli wena, udlalela isizwe. Leyo ngenye yezinto ebuye isiphazamise thina singabadlali, ukufuna ukuziveza wena. Wena kudala ubonakala. Njengoba usufinyelele kowamanqamu, awenzeli wena. Okunye kulandela ngemuva. Engingakusho wukuthi kufanele babe ngamadoda, baqine, bazi ukuthi abadlaleli bona kodwa badlalela isizwe neqembu," kusho uSangweni.
Nakuba kubhekwe lukhulu kwiPirates kodwa kulindeleke ukuthi ithwale kanzima kwiBerkane ewine iConfederation Cup ngo-2019. IBerkane iqeqeshwa nguFlorent Ibenge waseDRC ohlulwe kowamanqamu weChampions League ngo-2014 nakoweConfederation Cup ngo-2018 ne-AS Vita yasezweni lakhe.
USangweni, owayekhona ngesikhathi iPirates yehlulwa kowamanqamu weChampions League yi-Al Ahly yase-Egypt ngo-2013 nangesikhathi ikhala ngaphansi koweConfederation kwi-Etoile du Sahel yaseTunisia ngo-2015, ulindele okungcono kubadlali beZimnyama.
"Ngangikhona impela sihlulwa kowamanqamu kabili. Njengoba ngisho nje ukuthi abanye bethu badlalela ukubonakala. Uma ubheka leliya qembu esasinalo, lalinokuzinikela, ukuzimisela nomoya wobunye. Ngiyafisa ukuthi nakulaba bafana abakhona manje ibekhona leya nto. Angisho ukuthi ayisekho kodwa manje kufanele bayiphinde kabili, yedlule eyethu. Njengoba sehluleka kweyamanqamu, bona-ke abangafiki behluleke. Abahambe bayosimela, bayiphinde kabili indlela esadlala ngayo," kusho uSangweni.
Ngakolunye uhlangothi, omunye wabaqeqeshi beBucs, uFadlu Davids, uncome abaphathi ngokubenzela umsebenzi njengoba beyibambe kulo mqhudelwano.
"Sinomqeqeshi uMandla (Ncikazi) sibonga kakhulu kubaphathi beqembu. Kusisize kakhulu ukuba nesipiliyoni kwabo sokukwazi ukuhlela ngobuchule izinto zokuhamba. Banolwazi olunzulu lokuhlola kusenesikhathi izinkundla zangaphandle esizodlalela kuzona. Banolwazi ngesimo sezulu samazwe ngamazwe. Bayazi nokuthi uma sizodlala ngaphandle kumele sihambe nini. Sibonga kakhulu kubaphathi beqembu ngokusenzela izinto zibe lula kwiConfederation Cup," kubeka uDavids.
Uqhube wathi: "Ukushelela kwezinto kwenze sawushintsha umqondo wokuthi uma sisekuhambeni sifune ukulwela ukudlala ngokulingana. Ngaso sonke isikhathi sinentshisekelo yokuthola amaphuzu amathathu kumnyama kubomvu. Uma sisekuhambeni, silwela ukuthola igoli. Lokho kubaluleke kakhulu.“