UMQEQESHI weMaritzburg United u-Eric Tinkler, ungaphansi kwengcindezi yokuthi athole amaphuzu uma ezakhe sezibhekene neBlack Leopards emdlalweni weDStv Premiership, eThohoyandou Stadium ngoMgqibelo ngo- 3.30 ntambama.
Ayenzi kahle iTeam Of Choice selokhu kuqale isizini futhi ayikanqobi nowodwa umdlalo.
Ukuboza kwezikaTinkler kuzishovele endaweni endaweni ka-15 kwi-log. Emidlalweni emithathu esadlalwe kwiPremiership ngamaqembu wonke, iMaritzburg ivule ngokushaywa ngo 2-1, iBaroka FC. Kowesibili ishaywe iCape Town City ngo 1-0. Idlulele eBhayi, yabhekana neChippa United yakhala ngaphansi ngo 3-1.
Ukugqoza kwemiphumela ngale ndlela kwiMaritzburg kwandisa ingcindezi eqenjini lonke, ikakhulukazi ngoba sebeqalile ukuxosha abaqeqeshi abangenzi kahle kwiPremiership. UPatrick Aussems obecija iLeopards ukhonjwe indlela, indawo yakhe kuthiwa ithathwe uDylan Kerr, yena oxoshwe yiBaroka FC ngecala lokudicilela phansi isithunzi seqembu.
“Siyodlala neLeopards ngesikhathi esinzima lapho sifuna amaphuzu. Kubalulekile ukuthi sithole umphumela omuhle ekuhambeni, yize kungeke kube lula neze.
“Ukuthola kwethu umphumela omuhle, kuzosho ukubuya kokuzethemba kwazise asiqalanga kahle. Okungijabulisayo nokho, ukuthi kunabadlali bethu bokuhamba abalungelwe amaphepha abagunyaza ukusebenza kuleli, ngakho sijabule ngalokho yize kuzokwenza ukukhetha isikumi kube nzima,” kusho uTinkler.
Abadlali beMaritzburg abalungelwe amaphepha abagunyaza ukusebenza kuleli ngunozinti waseZambia uSebastian Mwange nomdlali wase-Algeria, uFares Hachi.
“Silindelele ukuthi kusasa (esho namhlanje), bonke abadlali bethu abebedlalela amaqembu esizwe, babuye bese sibe nesikwati esiphelele. Uma sebefikile, sizolungisa amaqhinga okubuya namaphuzu kwiLeopards,” kusho uTinkler.
Ingcindezi yinto ayijwayele uTinkler, kwazise ufike isimo simanzonzo kwiMaritzburg, isha nendlu, icishe igawulwa yizembe kumasizini amabili edlule.
Ukungananazi ngezinqumo, ukungakhethi iphela emasini, ukuvikela abadlali bakhe kanye nobuhlakani kwezokuqeqesha yikhona okwenze uTinkler wakwazi ukusindisa iqembu elaphunyuka kweyokuhlungela selilengela kwalasha ngesizini ka-2018/2019.
UFarook Kadodia ongusihlalo weTeam of Choice usanda kutshela leli phephandaba ukuthi ucabanga ukunika uTinkler inkontileka ezomhlalisa kwezakhe isikhathi eside, ngenxa yamagalelo akhe.
Imidlalo yeDStv Premiership ngempelasonto:
NgoMgqibelo -
Ngo-3.30pm: Golden Arrows v Kaizer Chiefs (Sugar Ray Xulu Stadium); Stellenbosch v Chippa United (Danie Craven Stadium); Black Leopards v Maritzburg United (Thohoyandou).
Ngo-6pm: Orlando Pirates v SuperSport United (Orlando Stadium).
Ngo-8.15pm: Swallows v TS Galaxy (Dobsonville Stadium).
NgeSonto -
Ngo3.30pm: Mamelodi Sundowns v AmaZulu (Loftus Versfeld Stadium); Cape Town City v Bloemfontein Celtic (Cape Town Stadium).