UNOZINTI weBafana Bafana, uVeli Mothwa, ubalisa ngobunzima bokudlalela leli qembu abantu baseNIngizimu Afrika abahlala bebheke ukuthi lizobhazaca.
IBafana izobhekana ne-Ethiopia emidlalweni emibili elandelana eduze yokuhlungela umqhudelwano weNdebe yoMhlaba wangonyaka ozayo eQatar.
NgoMgqibelo abafana bakaHugo Broos bazogijimisana ne-Ethiopia, eBahir Dar Stadium, eBahir Dar, ngo-3 ntambama. La maqembu azophinda ngo-Okthoba 12, eFNB Stadium.
IBafana ihlezi phezulu kuGroup G ngamaphuzu amane. Idlale ngokulingana ngo-0-0 neZimbabwe, yehlula iGhana ngo-1-0 emzuliswaneni wokuqala weyokuhlunga.
Elakuleli lagcina ngomqhudelwano wango-2002 eKorea naseJapan, ukuzibekisela indawo koweNdebe yoMhlaba. Ligcina ukudlala kulo mqhudelwano alizange lihlunge njengoba lalingosokhaya ngo-2010.
Umqeqeshi uBroos uzama ukwakha kabusha iqembu ngabadlali abasebancane.
"Kunzima kithina. Umdlalo ngamunye esiwudlalayo singabadlali baseNingizimu Afrika, unzima ngoba akekho osesekayo. Lokhu angikusho kabi. Kodwa ngithi akekho. Uma uthi iNingizimu Afrika izowina bengakuphikisa bonke abantu bathi izohlulwa noma ngeke ingene koweNdebe yoMhlaba," kusho uMothwa.
Kuyinto engafihliwe ukuthi iBafana izikhiphile ezinhliziyweni zabantu baseMzansi ngokwehluleka njalo ukubajabulisa. Ngasekuqaleni konyaka, leli qembu liphinde lehluleka ukuzibekisela indawo emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba seCameroon, ngonyaka ozayo. Lokhu kuholele ekutheni kuxoshwe obengumqeqeshi, uMolefi Ntseki, kwaqashwa uBroos.
"Uma singesekwa yibona bonke abantu eNingizimu Afrika lokhu esikwenzile kumanje, singakwenza iminyaka eyisikhombisa ezayo. Uma ubheka ukuthi iBafana igcine nini ukwehlulwa, yagcina ngeSudan. Kusuka lapho sidlale iCosafa Cup, sawina imidlalo eyisithupha ilandelana ngaphandle kokungenelwa yigoli. Singenelwe yigoli sibhekene ne-Uganda emdlalweni wobungani. Emidlalweni esemthethweni asingenelwa yigoli. Uma ukucabangisisa lokho kusobala ukuthi sibheke phambili futhi siyawina," kuqhuba uMothwa.
Mayelana nomdlalo ne-Ethiopia, uthe: "Kuzoba wumdlalo onzima. Kodwa uma sibeka imiqondo yethu kuwo, sisebenze kanzima sizobuya nemiphumela emihle. "