MTHOKOZISI MNCUSENI
OMUNYE wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, uqinisekise eyezinsolo zokungaboni ngaso linye phakathi kwakhe nabalingani bakhe, uManqoba “TV” Mngqithi noSteve “Mphathi” Komphela.
Kuleli sonto i-website, iSoccerladuma, ibike ngokungahoshelani kahle kwalaba baqeqeshi yize bephumelele ukudla isicoco seDStv Premiership ngesizini edlule.
Lo mbiko uveze ukuthi esikhathini esedlule izikhulu zeSundowns bezize ziphoqeleke ukungena phakathi kwabo laba baqeqeshi ngoba kuphambana imibono, obekulandelwa ukuphakama kwemimoya.
NgoLwesine esithangamini nabezindaba, ngaphambi komdlalo obhekwe ngabomvu weligi phakathi kweSundowns neKaizer Chiefs ngeSonto, uMokwena ukuqinisekisile ukuthi bukhona ubuqiniso ngalo mbiko.
Umdlalo uzoqala ngo-5 ntambama eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
“Okungithusa kakhulu ukuthi ngubani le mpimpi engaphakathi ekhempini ngoba lokhu obekubhaliwe kunabo ubuqiniso,” usho kanje uMokwena kwabezindaba.
“Kunzima ukuphendula lo mbuzo ngoba kufanele ngiqinisekise ukuthi ngiphendula ngeqiniso ngesikhathi esifanayo ngivikele nesithunzi seqembu,” kusho yena ekhala ngokuthi banomdlalo onzima ngeSonto njengoba kufanele aphendule ngalezi zinsolo.
"Wonke amandla esinawo kufanele siwafake ezinhlelweni zomdlalo weChiefs kodwa futhi akusuki emqondweni wami ukuthi kubalulekile nokuphumela obala ngezinto ezibikwe abezindaba.
“Inkinga yami enkulu iyona leyo, ukuthi ubani lo oputshuza izinto zangaphakathi eqenjini ezintathelini.”
UMokwena, oveze ukuthi emdlalweni wangeSonto, kungase kubonakale uThemba Zwane noMosa Lebusa abebelimele, uyakwamukela ukuthi kunezikhathi la bengeke babone khona ngendlela efanayo bengabaqeqeshi.
“Kuyona yonke imindeni kubakhona ukuphambana ngokwemibono ngaphakathi ngakho-ke nakwiSundowns yinto efanayo. Okuhle ngalokhu kuklwebhana ukuthi sonke asikukhohlwa ukuthi simelwe ukuqinisekisa ukuthi iSundowns iyaphumelela.
“Okungafanele kwenzeke ukuthi kwenziwe ihaba ngezinto ezisuke ziputshukile kwabezindaba ngoba umthelela walokho mubi.
“UManqoba (Mngqithi) nguyena obekufanele ngabe uphendula lo mbuzo kodwa okumqoka kakhulu ukuthi usexolisile ngakho-ke mina sengidlulile,” kusho uMokwena.
Ngokubona kukaMokoena, akekho umdlali weSundowns ongakulungele ukuqala umdlalo ngaphandle kukaZwane noLebusa abazohlolwa ngosuku lomdlalo.
Esesonga uthe: “Kusukela kufike uStuart (Baxter) iChiefs isishintshe kakhulu ngakho-ke siya kulo mdlalo sazi kahle ukuthi sibhekene nani. Indlela esidlale ngayo nabo esiwombeni sesibili soweMTN8, bebuya ku-2-0, idalwe ukukhuphula kwabo umdlalo kodwa siya kulo wangeSonto neqhinga elihlukile.”