SITHEMBISO MKHIZE
LAPHO ekhona uGabadinho Mhango kumele ukuba umincele ukuthi emdlalweni wokugcina namuhla avalele amanye amagoli bese kuthi izimbangi zakhe zihluleke ukuze ezoqeda ishobolo le-Orlando Pirates leminyaka engaphezu kweshumi lokuhluleka kwabagadli bayo ukunqoba iLesley Manyathela Golden Boot Award.
NgoLwesithathu lo mgadli uqinise amathuba okukhala amuke nalo mklomelo evalela phakathi igoli ezakhe zinqoba ngo 1-0 kwiMaritzburg United.
Emdlalweni wokugcina iPirates izobhekana neStelenbosch e-Emirates Airlines Park ngo3.30 ntambama.
Leli goli limubeke kumagoli awu-15. Emdlalweni wokugcina neStellenbosch kuzomele enze isiqinisekiso ukuthi uyaqhubeka nokuvalela amagoli okungamenza adlule uPeter Shalulile weHighlands Park naye onawu-15.
Abanye abasembangweni uBradley Grabler weSuperSport United enawu-14.
USamir Nurkovic weKaizer Chiefs, Knox Mutizwa weLamontville Golden Arrows noBongi Ntuli waMaZulu, banamagoli awu-13.
Ukunqoba iLesley Manyathela Golden Boot, iBucs yakugcina ngomufi okwaqanjwa ngaye umklomelo.
UManyathela wakwenza lokhu ngesizini ka-2002/03.
Ngesizini edlule uThembinkosi Lorch wePirates ulale isibili ngamagoli ayisishiyagalolunye ehlulwa uMwape Musonda weBlack Leopards oshaye awu-16.
Ngesizini ka-2016/17 noTendai Ndoro wazama ngamagoli awu-12. Lapha umklomelo wanqotshwa uLebogang Manyama esadlalela iCape Town City.
Nangesizini ka-2011/12 uBennie McCarthy washaya amagoli awu-10. Umhlanganiso wadliwa uSiyabonga Nomvethu owayedlalela iMoroka Swallows evalela awu-20.
Njengoba wonke amaqembu eyivala iligi kusasa kubukeka sekungaba wumlingo kuphela engenza ukuthi kube khona umdlali ongaphula irekhodi likaCollins Mbesuma lesizini ka-2004/05 ekwiChiefs, lokuqobela awu-25.