ISILOMO somgadli weStellenbosch FC, u-Iqraam Rayners, sivule isifuba ngenkulumo esaba nayo nomqeqeshi waleli qembu, uSteve Barker, ngokubuyela ekhaya.
Lo mgadli, ongomunye wabadlali bakaBarker abangaconsi phansi, uthe uyoyikhohlwa efile ingxoxo yakhe nalo mqeqeshi kwazise kusukela lapho impilo isishintshile.
URayners (28) uyihole njengesibani iStellenbosch njengoba igcine ngokudla isicoco seCarling Black Label Knockout ngokunqoba kwi-TS Galaxy kowamanqamu ngempelasonto edlule, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ukugqama kwalo mdlali, owafika okokuqala kwiStellies ngo-2014 esengumdlali wasemuva, kufakazelwa wukuthi emidlalweni emine yeCarling KO, uqokwe njengomdlali ovelele kwemine, elokhu ehlomule ngo-R100 000 umdlalo ngamunye.
URayners ohlangane neSolezwe eMoses Mabhida emuva komdlalo, utshele leli phephandaba ngocingo athe waluthola ngesikhathi esengumdlali weSuperSport United.
Lo mgadli uzizwa ethobekile ngokuba umdlali osegijime kweminingi kunayo yonke emlandweni weStellies ekubeni kunguyena futhi umgadli ozihola phambili ngokuhlohla amagoli kuleli qembu.
Wasayina kwiSuperSport ngo-2017 esuka kwiStellies kodwa wabuyela eKapa ngo-2020.
“Wonke lawo marekhodi aphuke sengibuya okwesibili kwiStellenbosch okuzitolika ngokuthi konke bekungeke kwenzeke ukube uBarker akazange angithinte,” kusho uRayners.
Uthe sebeqalile nozakwabo ukuqhumuza u-R400 000 awuqoqe kwiCarling KO.
“Akekho umgadli ongagqama yedwa ngaphandle kozakwabo abamnika ibhola baphinde bamsize balimake uma lonakale kuyena, ngakho-ke le mali eyethu sonke. Sesiyiqalile kodwa sizoqhubeka nayo uma sithola elinye ikhefu,” kuqhuba uRayners ngaphandle kokunaba.
Ngokwalo mgadli, akazi ukuthi yini edale ukuthi angaphumeleli eGauteng ahlale khona iminyaka emithathu kodwa akanagqubu neSuperSport athi ibimphathise okweqanda.
“Akukho okutheni engingakhala ngakho ngeminyaka emithathu engiyichithe eGauteng ngaphandle kokuvuma ukuthi mhlawumbe akuvumanga khona.
“Konke bengikwenza ngendlela engiyijwayele ukwenza ngayo kodwa amagoli abengavumi okuyinto ebengingayikholwa. Lokhu kugcine sekungiqhelelanisa nanesikimu kweminye imidlalo.
“Ngiyolukhohlwa ngifile ucingo engiluthole luvela kuBarker engitshela ukuthi angibuye ekhaya. Yize bengingakholwa ukuthi kuzokwenzeka ngoba benginenkontileka neSuperSport kodwa nginolwazi lokuthi amaqembu womabili avumelene, ngabona sengitshelwa ukuthi ngibuyela kwiStellies.
“Kube sengathi iphupho. Angazi kanjani, ngithe ngifika nje zabe ziqala zihlangana izinto kangangokuthi sengiyaqala ngithatha neso lomqeqeshi weBafana njengoba sengiwumpetha weCarling KO,” kuphetha uRayners.
URayners ungomunye wabakwiBafana Bafana esazonqanyulwa ngaphambi kokuthi kuhanjiswe amagama abazodlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoqala ngoJanuwari e-Ivory Coast.