BEKULINDELWE isizini ka-2021/2022 ibe ngeyingqophamlando kuMaZulu FC kodwa ukushaya igoli elilodwa emidlalweni emine nokunganqobi nowodwa umdlalo emiqhudelwaneni emithathu eyahlukene, kukhomba ukubhekana nomqansa.
NgoLwesibili AmaZulu kubhekwe acacise ukuthi azimisele ngani kule sizini uma esebuyela emidlalweni yeDStv Premiership neSuperSport United eJonsson Kings Park, eThekwini, ngo-5 ntambama.
Isomiso samagoli sihlale obala kulandela ukuguqiswa ngo-1-0 yiNyasa Big Bullets yaseMalawi emdlalweni wawo wokuqala ngqa, weCaf Champions League, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoLwesihlanu ebusuku.
Umlenze wesibili useMalawi nokuyihlane ngokukaBenni McCarthy ocija AmaZulu, ohlulekile wukufihla ukudangala nokudinwa kwakhe ngokungawaboni amapali lapho egxunyekwe ngakhona kwabadlali bakhe.
“Sidlale lonke ibhola kodwa ungadlala elinenkosi phakathi, uma nje ungakhombisi intshisekelo yokuthwala isiphambano sokushayela iqembu lakho amagoli, ngeke unqobe,” kusho uMcCarthy kwabezindaba emuva komdlalo.
“Laba bantu abakhandanga mathuba okuhlasela, baphose ibhola elilodwa phambili, banqoba ngalo. Lokho kusikhombisa ukuthi unobhutshuzwayo ubuye ungabi nabo ubulungiswa. Yingakho sihlezi sikhala ngokuthi eNingizimu Afrika ’asinabo abantu abazoshaya amagoli’. Yingoba abekho abadlali abazimisele ukuthwala isiphambano sokukhalakathisela ibhola enethini.
“Wakhe, wakhe amathuba uphindelela kodwa uhluleke ukushaya igoli. Mhlawumbe uma ningathola ithuba lokubuza abadlali abebesenkundleni ukuthi kwenzekeni, ngiyacabanga yibo abangaba nempendulo engcono.”
“Kimi bekufana nokubuka iphupho elibi. Okudumaza kakhulu wukubona abadlali bengakhombisi intshisekelo yokushaya amagoli. Nangaphezu kokuba sebedlala nabantu abangu-10. Manje sesizoya ehlane, endaweni enzima ukuwina kuyo. Sesiyofuna igoli newini e-Afrika. Akusenani ngoba sesiyazi manje ukuthi badlala kanjani.”
Igoli, okuyilo lodwa asalishaye kule sizini, alithole ekhishwa yiCape Town City ngo-2-1 kwiMTN8.
Avuliswe yiMamelodi Sundowns ngenduku ka-1-0 koweligi ngaphambi kokubambana neSwallows FC.
KwiSuperSport abhekene nomunye umdlalo ongelula kodwa kuzomele akusebenzise ukuthi uSepthemba wonke azowudlala ekhaya kweyeligi kwazise kulandela omkhaya, iLamontville Golden Arrows, ngomhlaka 22 neBaroka ngomhlaka 25.
Nango-Okthoba 2 azosingatha iKaizer Chiefs khona eThekwini.
UMcCarthy ukuqinisekisile ukuthi bakhona abagadli bangaphandle abasabahlola.