SITHEMBISO MKHIZE
UMLANDELI wokuqina we-Orlando Pirates, uJoyce "Mama Joy" Chauke, useveze ukuthi akayizwelanga nakancane iKaizer Chiefs ngesikhathi ihluleka ukuthola inkanyezi yokuqala yeCaf Champions League.
Uveze ukuthi okwenza angabazweli omakhelwane bakhe, wukwedelela kwabalandeli beziMpofana abakutshengise abePirates ngaphambi komdlalo wamanqamu weChampions League.
Sekungumlando ukuthi iChiefs ikhale ngaphansi kwi-Al Ahly yase-Egypt ngo-3-0 kowamanqamu obuseMorocco ngempelasonto edlule.
"Hhayi bandla, basidelelile abalandeli beChiefs, yenze kahle i-Al Ahly yabanquma imilomo. Ezinkundleni zokuxhumana, ngaphambi kowamanqamu bebethi ngoba kasikho matasa asihambe siyohlanza izinxaxathela zezitolo (ngemuva kokutatshwa kwezitolo).
“Ngoba sebebuyile abasale sebesijoyina ukuyokwenza ababekusho. Kukhona abebethi iPirates ayigxile emidlalweni yasekhaya, bona bamatasa nemidlalo yezinga lomhlaba.
“Abanye bebedelela bethi inkanyezi yethu seyindala, seyagqwala, bona bazobuya nekhazimulayo. Ukube bayitholile le nkanyezi besizoba yini kodwa nkosi yami?
"IChiefs akusebona abafana bokuthula noxolo, sekwaba ngabokukhuluma nokwedelela. Sengibaqambe igama elisha, sengibabiza ngama-amper star, kayibonwa kubo inkanyezi.“
Uqhube wathi: "Ngiyazibuza ukuthi iChiefs njengoba ingenandaba nemidlalo yeligi, iyophinde iye nini e-Afrika. Yona ayijabulele ukuthi ikwazile ukufika kowamanqamu eChampions League.“
Mayelana nafisa kuzuzwe Yiqembu lakhe kwisizini ka-2021/22, uMama Joyce, uthe ufuna izicoco ezimbili.
"Kanginandaba kangako neNedbank Cup, ngingajabula uma singakwazi ukuvikela iMTN 8 bese sinqoba nesicoco seligi.
“Uma sihlulekile ukuzuza lokhu ngingaduduzeka uma singaqeda kweyesibili okungenani. Isifiso sami wukuthi sidlale kwiChampions League kwisizini ka-2022/23. Kangifuni ithole lutho iChiefs. Sizoqala ngokuyihlula kwiCarling Black Label,“ kusho uMama Joy.
IChiefs izozama ukubuyisa ithemba kubalandeli bayo ngokuthi ishaye iPirates kwiCarling Black Label Cup ezodlalwa ngo-Agasti 1, e-Orlando Stadium.