OWAYENGUMGADLI weManning Rangers neMamelodi Sundowns nowake wahlabana ngomklomelo wokushaya amagoli amaningi kwiPremiership, u-Ishmael Maluleke, ubona kungaba yinto enhle uma umklomelo weLesley Manyathela Golden Boot ungahamba nomdlali waseMzansi kule sizini.
Umgadli we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa uzihola phambili ngemuva kokushaya amabili beguqisa iChippa United ngo 2-0 muva nje.
Usevalele awu-15, ulandelwa umgadli weStellenbosch u-Iqraam Rayners ngawu-14. Endaweni yesithathu ngodabuka eBrazil uLucas Ribeiro Coast weMamelodi Sundowns onawu-12.
Ngesizini edlule uKhanyisa Mayo weCape Town City uwucazelane noPeter Shalulile weSundowns lo mklomelo weGolden Boot bebambana ngamagoli angu-12. UMayo kule sizini usavalele amagoli awu-10.
Kule midlalo embalwa yePremiership esasele ngaphambi kokusongwa kwale sizini, kubhekwe ngabomvu ukuthi lo mklomelo uzogcina uhambe nobani.
“Ukuhamba phambili njengamanje ngamagoli komgadli walapha eMzansi, kuhlaba umxhwele, kubuyisa nethemba ngabagadli bethu.
“Yinto esihlale siyikhalela ukuthi sibe nomdlali wasekhaya ohlabana ngePSL Golden Boot nokusijabulisayo ukubabona besahamba phambili ngamagoli.
“Sona isibalo samagoli siphansi kodwa singcono kunesangesizini edlule, ngikholwa wukuthi sisenganyuka kule midlalo esele uma ubheka ifomu yeStellenbosch, eyePirates neyeSundowns yize inhliziyo yami ikwabaseMzansi,” kusho uMaluleke.
UMaluleke ukhuluma ngento ayaziyo njengoba ashaya amagoli awu-18 ehlabana ngePremiership Top Goalscorer ngesizini ka-2001/2002 esagijima kwiRangers.
Uzwakalise ukungabi nankinga ngokunqotshwa kwalo mklomelo ngumdlali wangaphandle, kodwa iqiniso wukubaluleka kokuthathwa ngowasekhaya.
Lokhu ukwesekele ngokuthi ukwenza kahle kwabo kuzoba nomthelela omuhle naseqenjini lesizwe, iBafana Bafana.
Uthe ufisa ifomu yokushaya amagoli kaRayners noMabasa idlulele nakwiBafana uma beqokelwa esikwateni esiyohlungela eyeNdebe yoMhlaba ka-2026.
Kulowo mdlalo abafana bomqeqeshi, uHugo Broos bazodlala kuwo neNigeria ngoJuni 3.
Kumasizini angu-11 edlule, uSiyabonga Nomvethe nguyena umgadli waseNingizimu Afrika ogcine ophumelele ukushaya amagoli angu-20.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi edla umklomelo wePremiership Top Goalscorer ngesizini ka-2011/2012.