UMQEQESHI weTS Galaxy, uDan “Dance” Malesela, uthi iyamdida eyokunganakwa ngamaqembu amaningi ahlezi epheka ethulula abaqeqeshi phezu kokuthi esenaso isicoco kumlandokuzazisa wakhe futhi unerekhodi elihle lokuvumbulula abadlali abangaziwa.
UMalesela ubuyele kwiGalaxy esizodlala esigabeni esiphezulu sePremier Soccer League (PSL), iDStv Premiership, emuva kokushiya lo msebenzi maphakathi nesizini edlule iqembu lihluleka wukuthola imiphumela emihle esigabeni esiphansi iGladAfrica Championship.
IGalaxy, ephethwe nguTim Sukazi, ithenge isitifiketi seHighlands Park sokudlala kwiDStv Premiership. USukazi ube esebuyisa uMalesela esehleli ekhaya.
UMalesela wazakhela igama ebholeni esewumdlali we-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns. Wasebenza eSchool of Excellence. Eqeqesha kwiFirst National Division ukhiphe izaqheqhe zabadlali abanjengoXola Mlambo, Paseka Mako, Thembinkosi Lorch noLinda Mntambo abebedlala ingcwenga kwiCape Town All Stars nakwiChippa United.
UDan Dance uthe kummangazile ukungabi khona kwamaqembu azihlupha ngokumqasha phezu kokugila izimanga enqoba neThe Rockets iNedbank Cup behlula iKaizer Chiefs ngo-2019.
“Kwangimangaza. Namanje ngisamangele. Kwesinye isikhathi abanye abantu bayithola kalula imisebenzi. Angifuni ukukhomba abantu abathile kodwa kwesinye isikhathi ubona iningi lishintshashintsha amaqembu kalula kungekho okubambekayo abakuzuzile. Kungenzeka ukuthi inhlanhla (anginayo) noma akukabi yisikhathi. Mhlawumbe ngidinga ukunqoba iligi ukuze ngithole umsebenzi kwenye indawo,” kusho uMalesela esithangamini neSouth African Football Journalists Association.
Iqembu aseke waliqeqesha esigabeni esikhulu yiChippa United. Ike yamxosha yaphinde yambuyisa, yamdedela futhi.
“Angisiye umuntu okwazi ukuncenga umsebenzi noma okuzothiwa kuye sizokuzamela umsebenzi uma uthatha abadlali bethu. Angikuthandi ukwenzelelwa. Umusa engiwudingayo owokuthi unginikeze umsebenzi uma likhona ithuba. Yingakho ngimhlonipha uTim. Ubengakhetha obengumqeqeshi weHighlands Park kodwa wakhetha mina ngoba ukhuluma ibhola ngale ndlela engilibuka ngayo. Kodwa ngeke ngidunyazwe yilezi ezinye izinto.”
Uthe wethemba ukuthi ngelinye ilanga amanye amathuba ayomvulekela.
“Ngithemba ukuthi ngelinye ilanga ngiyoba esimeni sokukwazi ukusiza izwe lethu liqoke abantu. Kwesinye isikhathi inkinga iba sekutheni uma sikhuluma abantu bayadinwa. Uma sibuza ukuthi yiluphi uhlelo esinalo eqenjini lesizwe, ubani oqeqeshayo nokuthi kanjani? Ugcine ungaqondi kodwa ubuye uzitshele ukuthi mhlawumbe banezicucu kunami, yingakho belaphaya,” kuqhuba uMalesela.
Nokho uthe ujabule kwiGalaxy ngoba unenkululeko ayidingayo.
“Lokho akusho ukuthi angixhumani nethimba lami. (UTim) ngiyamethemba. Kungaba khona esikwakhayo lapha. Kodwa ngeke ngikubalekele ukuthi iqiniso wukuthi umsebenzi wethu umayelana nemiphumela,” kusho uMalesela.