MHLAWUMBE wukuba nomoya ophansi isidalo okwenza ingagculisi impendulo kaJohn Maduka uma ebuzwa ukuthi ukushiya kwakhe isigubhukane kwiRoyal AM akufunzelelwanga yini yimigilingwane yangaphandle kwenkundla eqenjini.
UMaduka ushiye i-AM ngoMsombuluko ngaphambi kokwethulwa komkhaya bayo, iMaritzburg ngoLwesithathu emini.
ITeam of Choice imnike inkontileka yeminyaka emibili ehambisana nomunye wokwelula kodwa uKadodia akugcizelele ukuthi kuzoncika ekudlaliseni kwakhe ibhola elimnandi.
Ebuzwa uMaduka ukuthi kungenzeke yini ukuthi yizinto zangaphandle kwenkudla ezimenze washiya iqembu ebelikhombisa ukumuzwa ngakaphathi, alibeke endaweni yesithathu kwi-log yeDStv Premiership, ayosebenza kweselivike izembe amasizini amathathu elandelana, uthe:
“Cha, ukushiya iRoyal MA kube yisinqumo sami. Benginobudlelwano obuhle nosihlalo. Ngakho kube yisinqumo nje sami njengoba nani (izintatheli) ungabakwiDaily Sun namuhla kodwa ube kwiSowetan kusasa. Ngiyibheke ngabomvu inselelo engaphambi kwami njengamanje.”
UMaduka ufike kwi-AM nabadlali abebekwiBloemfontein Celtic ithengwa ekuqaleni kwesizini.
Waba khona umoya ovela kuShauwn Mkhize wokugcina ebachithile bonke abafika neCeltic, okungenzeka ukuthi nekaMaduka isahamba lapho.
“Yisinqumo nje umuntu aphoqeleke ukusithatha (esokushiya kwi-AM). Yinto esiyixoxe nomndeni wami ukuthi sekuyisikhathi esihle ukuthi ngihambe ngiyobhekana nenselelo entsha,” kusho uMaduka.
“Yonke into esiyenzayo ebholeni ihambisana nobungozi (bokuthi kungahambi ngezifiso zakho). Yebo, iMaritzburg yiqembu eselinakho ukulwela ukuvika izembe kodwa lukhulu olusengenzeka. NjengakwiRoyal AM, sifike abantu bengalindele ukuthi singadlala ngale ndlela kodwa buka nemiphumela.”
Kwi-AM uMaduka ube nomkhuba wokushaya amagoli okunqoba ngemizuzu yokugcina yomdlalo.
KwiMaritzburg kodwa uyobhekana neqembu eselinawo owalo umkhuba ozobe ubhekwe kakhulu ngabalandeli.
Lowo, ngowokumincisa izitha emidlalweni yangoLwesihlanu ebusuku eHarry Gwala Stadium.
“Impela kumqoka kakhulu ukubuyisa leya nto yemidlalo yangoLwesihlanu. Sinabalandeli abazifelayo ngeqembu. Kufanele sibanike ibhola elimnandi kodwa lelo bhola lihambisane nemiphumela emihle,” kusho uMaduka.
IMaritzburg inenselelo yokutholela uMaduka abadlali emuva kokuchitha abayisishiyagalombili ekuqaleni kwenyanga, okunguTato Lesoma, Steven Pereira, Nazeer Allie, Riyaaz Ismail, Clayton Daniels, Phumlani Ntshangase, Lucky Baloyi noRyan Rae.