USIHLAO weMaritzbutg United, uFarook Kadodia, udalule ukuthi inkontileka yomqeqeshi omusha, uJonh Maduka, bazoyelula uma ezodlala ibhola elizojabulisa abalandeli beqembu laseMgungundlovu.
UMaduka owethulwe ngoLwesithathu eMphithi, usayine inkontileka yeminyaka emibili okuhambisana nomunye unyaka wokwelula.
Ekuqaleni kwesonto kumangale wonke umuntu uMaduka ehlubuka kwiRoyal AM ayifake emqhudelwaneni weConfederation of African Football (Caf) ngokuqeda endaweni yesithathu kwiDStv Premiership ngesizini edlule.
Ngesikhathi uKadodia emethula lo mqeqeshi ukugcizelele ukuthi uzimisele ngokuthi ahlale eqenjini isikhathi eside.
"Siyiqembu elithanda ukudlala ibhola elimnandi. Umqeqeshi omusha weqembu uveze okuningi okuthembisa ukuthi uzokwenza lokho," kusho uKadodia.
"Sinabalandeli abazifelayo ngeqembu. Into emqoka wukuthi naye simthembile ukuthi uzobenzela ibhola elizobajalisa kule nkontileka yeminyaka emibili ehambisana nethuba lokwelula ngonyaka."
UMaduka ulandwa yiMaritzburg nje, wenze obekungabhekwe muntu efaka iRoyal kwiCaf Confederation Cup ngonyaka wokuqala idlala kwiPremiership.
Akekho ongazi ukuthi i-AM ithenge ubulungu beBloemfontein Celtic bokudlala esigabeni esikhulu, nokushiye abalandeli baleli qembu laseFree State bekhala.
"Ngijabule kakhulu ngokwesekwa esengivele ngasheshe ngakubona kwiMaritzburg United kanjalo nokusihlalo. Kuningi engicabanga nengikholelwa ekutheni sizokuzuza neMaritzburg United. Yiqembu elinemibono nezinhloso ezinhle nezihambisana nezinjongo zami njengomqeqeshi."
IMaritzburg yethule uMaduka emuva kokuhlukana no-Ernst Middendorp, osolwe ngokubozisa iqembu.
UMiddendorp ushiye iMaritzburg eyivikise izembe iqeda endaweni ka-12 kwiDStv Premiership.
Emaqenjini aKwaZulu-Natal, yi-AM neLamontville Golden Arrows osekumule bacacise ngomqeqeshi abazowahola ngesizini ezayo.
Kwi-Arrows kuphele isizini izintambo zibanjwe nguVusumuzi Vilakazi noMabhuti Khenyeza osekhonjwa kwebuyela kuMaZulu njengephephini.
USuthu lona lumqashe ngokugcwele uBrandon Truter obekade ebambe emuva kokuxoshwa kukaBenni McCarthy.