INKAKHA yomgadli waMaZulu, uGeorge Dearnaley, ifisa lephulwe irekhodi layo leminyaka eselehlule abagadli abaningi abafike kuleli qembu.
UDearnaley, ongaconsi phansi namanje kubalandeli boSuthu, wayeseqenjini elawina iCoca Cola Cup ngo-1993 liphekwa nguClive "The Dog" Barker. Yisona isikwati lesi esagcina ukuletha injabulo eMbelebeleni ngokuletha indebe.
UDearnaley usemlandweni ngokushaya amagoli amaningi ngesizini kuMaZulu. Washaya angu-23 ngo-1992.
"Ngifuna lephulwe irekhodi lami. Ngihlala ngikufisa lokho. Amarekhodi abekelwe khona ukuthi ephulwe. Ngenye isizini uJacky Ledwaba washaya amagoli angu-14 sengithembile ukuthi uzolephula irekhodi lami. UBongi Ntuli uzamile ngesizini edlule kodwa ugcine engafikanga kulona. Kungangijabulisa ukuphulwa kwerekhodi lami ngoba lokho kuzobeka iqembu endaweni enhle. Uma kungaba nomdlali ongashaya amagoli angu-23, iqembu lizoba nethuba lokuwina iligi," kusho uDearnaley.
Ukwenza kahle kwaMaZulu kule sizini ka-2020/2021 kuvusa usinga ezingwazini zalo nakubalandeli osekuneminyaka besosizini.
AmaZulu anamaphuzu angu-40 emuva kwemidlalo engu-22. Lokhu kwenzeke ngemuva kokwehlula iStellenbosch ngo-1-0 ngempelasonto. Aqinisekise indawo kumaqembu amathathu aphezulu kwi-log yeDStv Premiership.
Azobuyela enkundleni ngo-Ephreli 22 esebhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weligi ekhaya.
"Ngijabula kakhulu ngendlela izinto ezenzeka ngayo kuMaZulu kule sizini. Ngingumdlali wakudala wawo futhi ngingumlandeli omkhulu. Kade sengikhathele ukuthi njalo ngesizini sivika izembe. Ngiyaziqhenya ukusho ukuthi ngangidlalela AmaZulu. Kungokokuqala kuMaZulu ngibona izimpawu zeqembu lethu lika-1992 elalifela enkundleni," kusho uDearnaley.
"Ngesikhathi usihlalo (Sandile) uZungu efika eqenjini ngajabula ukuzwa izinhloso anazo ngeqembu. Ithimba labaqeqeshi alihlanganisile elinoBenni (McCarthy), Nomvethe (Siyabonga) noMoeneeb (Josephs) elabantu abadlale ezingeni eliphezulu. Okufanayo ngabo wukuthi bahlala bephokophele ukuwina, kusho uDearnaley."