INTATHELI YESOLEZWE NGESONTO
UMQEQESHI weBanyana Banyana uDesiree Ellis, ubonga iqhaza elabanjwa owayeyiphini lakhe uVera Pauw, ngemva kokuthi iqembu liqhakambise iNingizimu Afrika, kwezebhola labesifazane.
Iqembu elixhaswe abakwaSasol ngenyanga edlule linqobe indebe yeWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon), ngokushaya iMorocco ngo 2-1 kowamanqamu. UVera ubeqeqesha leli qembu phakathi kuka-2014 no 2016, futhi ube ngowokuqala ukuhalalisela iBanyana Banyana ngokunqoba indebe.
U-Ellis wamukele isipho wabe eseveza ukuthi usaxhumana noPauw futhi bayabelana ngemibono emkhakheni wezokuqeqesha.
Umqeqeshi ukusho lokhu emcimbini wokubungaza abadlali abahlala eKapa, abadlalela iBanyana ngegalelo labo ekunqobeni indebe yase-Afrika, ebholeni labesibhuda.
“Ngeke sikhohlwe abanye abaqeqeshi abafike ngaphambi kwethu ikakhulu uVera Pauw, ngalokho akwenzele iqembu,” usho kanje uDesiree, ongumqeqeshi weBanyana Banyana kwiSafa.net.
“Uyazi, ngisakhuluma ngaye kanti umnikelo wakhe eqenjini lesizwe mkhulu. Kungenxa yomkhombandlela nokungeseka kwakhe okwenze ngafunda okuningi kukho. Ngakho ngifisa ukusho ukuthi ngiyakubonga ukungensekela kwakhe. Ukukhombisa indlela nokungikhulisa kwakhe kusalokhu kuqhubeke njalo.
“Ngifundile okuningi kuye. Ngakho mqeqeshi uVera, ngiyabonga kakhulu ngokungikhombisa indlela, ukungixhasa, ukubhekelela ikusasa nokungikhulisa. Ngakho ngiyakubonga lokho. Ukunqoba kwethu ukunqoba kwakho ngoba ngeke sikhohlwe umnikelo wakho kuleli qembu.”
Kubantu abungazwe nabo kulo mcimbi abasizi beqembu abangavelele emphakathini kanye nabadlali abazinze eKapa. Lapha kubalwa iphini lika-Ellis uThinasonke Mbuli, udokotela obhekene nokuqinisa imizimba yabadlali uRidhaa Allie, u-Amogelang Motau, Sibulele Holweni, Bongeka Gamede, Regirl Ngobeni noNoxolo Cesane bonke abaqhamuka e-University of Western Cape (UWC).