STHEMBISO NGOBESE
KUBUYE ithemba kumqeqeshi weCape UMoya United, uRoger De Sa, lokudlala kweyokuhlunga yeGladAfrica ngemuva kokuvukela iTS Sporting esiswini njengotshwala, emdlalweni walesi sigaba ngempelasonto.
EzikaDe Sa zifike kulo mdlalo zinganikwa lutho, kwazise iSporting biyingagayelwa mphako phakathi kwala maqembu emidlalweni yakamuva. Nokho ekugcineni iSporting sibuyele ekhaya sijabhile ngemuva kwesibhaxu sika 5-0 emdlalweni obuseParow Park, ngempelasonto.
UDe Sa, uthe ukunqoba umdlalo kwenze wenyukelwa yithemba lokuthi kungenzeka nabo bazithole sebebalwa namaqembu amathathu azoqeda isizini ephezulu kwi-log yeGladAfrica. Nakuba iThe Spirits inqobile kodwa isahlezi endaweni yesishiyagalolunye kwi-log ngamaphuzu awu-27 emidlalweni ewu-21.
“Imidlalo elandelayo izobanzima kakhulu ngoba wonke amaqembu afuna ukunqoba kwazise anezinhloso ezingefani. Nathi-ke asihlukile kunawo ngoba manje inhloso yethu enkulu wukuthi sizibekisele indawo kweyokuhlunga ekupheleni kwesizini.
“Khona umbango wesicoco ubukeka usavulekile ngoba uma uke wawina imidlalo emibili kulandelana kuba nomehluko omkhulu, kodwa-ke ngasohlangothini lwethu angiboni sisenalo kangako ithuba lokuthi kukhona esesingakwenza, yingakho nje kuzomele sizame ukuthola indawo kweyokuhlunga,” kusho uDe Sa.
Iqembu elizogcina liqhwakele kule ligi lizonyukela kwiDStv Premiership, kuthi elesibli nelesithathu adlale kweyokuhlunga ukuze kuphume elzoqhamuka esigabeni esiphezulu elizobe liqede endaweni ka-15.
Lo mqeqeshi ube esephawula ngokunqoba kwabo iSporting wathi, empeleni nje nasemzuliswaneni wokuqala babehlula ngakho-ke ubengenalo noluncane uvalo ngaso.
“Nakuba sinqobe ngembudlu yamagoli lapha kodwa umdlalo ubungelula neze kwazise besibhekene neqembu elisembangweni wesicoco seGladAfrica. Kodwa ngibajabulela kakhulu abadlali bami ngokudlala ingcwenga yebhola kulo mdlalo. Sesinqobe imidlalo emibili, sadlala ngokulingana kwemibili lokhu kungenza ngibe nethemba elikhulu lokuthi nasemidlalweni yethu elandelayo sizoqhubeka nomgqigqo esihamba ngawo njengamanje.”
ICape Umoya izobuyela enkundleni kusasa lapho izobhekana nePretoria Callies ngo-3 ntambama eLucas Masterpieces Moripe Stadium, ePitoli.