UPHUNGA ‘izesheli’ umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ohole elakuleli labuya nendondo yethusi kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) esongwe izolo ebusuku e-Ivory Coast.
IBafana yehlule iDemocratic Republic of Congo (DRC) ngo 6-5 sekukhahlelwa amaphenathi. Kungokokuqala eminyakeni engu-24 iBafana ibuya nendondo kwi-Afcon kwazise igcine ukuthola eyethusi ngo-2000. Indondo yethusi ngeyesibili ye-Afcon kaBroos kwazise unqobe umqhudelwano neCameroon ngo-2017.
Isitayela seBafana sithathe abaningi kwi-Afcon njengoba esefunwa amazwe asenhla ne-Afrika okubalwa kuwona iTunisia ne-Algeria.
Ngeledlule, uBroos uthe ufuna ukuqeqesha iBafana kuze kuphele inkontileka yakhe ngo-2026 kodwa konke kusezandleni zabaqashi bakhe, iSouth African Football Association (Safa).
“Kujwayelekile ukuthi uma uthole imiphumela emihle emqhudelwaneni, ufunwe ngamanye amaqembu noma abadlali ngamanye amaqembu nomqeqeshi weqembu lesizwe. Kungehlele lokhu ngesikhathi ngiwina umqhudelwano neCameroon kodwa esikhathini esiningi kuba ngamahlebezi. Abantu bayohlala besho izinto ukukumatanisa namanye amazwe emuva komqhudelwano omuhle kodwa ngingakutshela namuhla ukuthi akukho lutho. Ningitshelile ukuthi kukhona abantu abeza kimina nalokhu nalokhuya. Kodwa uma uHugo Broos eshiya iNingizimu Afrika kuyoba kungenxa yokuthi iSafa ithi angihambe. Ngijabule ngomsebenzi wami, ngijabule ngeqembu esesilakhile. Angihlali ngijabule ngabezindaba kodwa kulungile. Ngithemba ukuthi abantu bazoleseka leli qembu,” kusho uBroos.
Lo mqeqeshi usehlalelwe wumsebenzi wokufaka iNingizimu Afrika koweNdebe yoMhlaba ka-2026. IBafana isendaweni yesibili ku-Group C weyokuhlungela le Ndebe yoMhlaba ezoba se-United States of America (USA), Mexico naseCanada ngokuhlanganyela. Izoqala ngokuyobhekana neNigeria ekuhambeni ngoJuni 3 ngaphambi kokwamukela omakhelwane iZimbabwe ngoJuni 10.
“Ngizishaya isifuba ngabadlali bami asebengikhombisile nokuthi amathuba ethu okuzifaka koweNdebe yoMhlaba akhona futhi makhulu.Indlela esidlale ngayo saphinde sakhula ngayo njengeqembu ngesikhathi esincane, ingenza ngingabe ngisakwazi ukulinda imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba. Kwi-Afcon sibhekane nemidlalo enzima kungekho ukuzithambisa kodwa saphumelela ukuthola imiphumela encomekayo cishe kuyona yonke. Lokhu kwenza siye kweyokuhlungela eyomhlaba sikuqonda ukuthi sinawo amava okunqoba kunoma iyiphi inkundla esidlala kuyona kungakhathalekile ukuthi lowo mdlalo siwugijima naliphi iqembu lesizwe,” kulandisa lo mqeqeshi.
Umengameli weSafa, uDanny Jordaan, ucashunwe yi-SABC ethi bafuna ahlale uBroos.