UMDLALI waMaZulu FC waseThekwini, uMlondi Mbanjwa, angasivala isikhala sensephe yeMamelodi Sundowns, uThapelo Morena, onesiphiwo sokudlala izindawo ezehlukene kwiBafana Bafana ngokubona komqeqeshi waleli qembu lesizwe, uHugo Broos.
UBroos ufake igama likaMbanjwa abangamazi abaningi ohlwini lwabangu-23 azogadlangabo kweyobungani ne-Andorra ne-Algeria ngokwahlukana ngasekupheleni kwenyanga ephezulu.
Bangu-10 abadlali abakulesi sikwati abebengekho kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ebise-Ivory Coast muva nje.
Lokhu kuyizinkomba zokuthi uBross useyakucabanga ukusakha kabusha isikwati kwazise izithenjwa zakhe ezifana noMorena zineminyaka engu-30 noma ngaphezulu.
UMbanjwa (25) ofike kuMaZulu ngonyaka odlule esuka kuThongathi FC usephenduke omunye wabadlali ababizwa kuqala esikimini, sikaPablo Franco Martin, ongumqeqeshi waleli qembu laseThekwini.
USuthu lunomdlalo omqoka we-Last 16 yeNedbank Cup neSekhukhune United namuhla ngo-7.30 ebusuku ePeter Mokaba Stadium.
Nakuba esemncane ngokweminyaka kodwa uMbanjwa usedlalele amaqembu akude naseThekwini lapho edabuka khona kwazise uke wadlala kwiFree State Stars nakwiPolokwane City.
UMbanjwa waseMariannhill, usebonakale enkundleni kwengu-10 yoSuthu kule sizini washaya igoli elilodwa benqoba kwiRoyal AM muva nje.
Kusukela kuqale isizini uMbanjwa ungomunye wabadlali abagqamile okwenze noBroos wamqaphela njengoba esehamba naye kule midlalo yeFifa.
“Imidlalo yobungani mihle ngokuthi isinika ithuba lokubiza abadlali esithi uma sibabona, noHelman (Mkhalele), sibukane emehlweni ngenxa yokuchazeka njengoMbanjwa,” kusho uBroos kwabezindaba ekuqaleni kwesonto.
“Ungumdlali onendlela ethile yokunyakaza elithathayo iso. Okunye okumnandi ngaye ukuthi uyidlala yonke eyoSuthu ngakho-ke ulibona njalo leli khono lakhe elingajwayelekile.
“Okungichaza ngaye ukuthi ukwazi ukudlala izindawo eziningi ezehlukene okungaba isibusiso ngoba kuyobe kuvaleka isikhala sikaMorena omqoka kakhulu eqenjini lami.
“Uma umdinga emuva uMbanjwa wenza into ecokeme njengoMorena kanti nasesiwini usuke ufike ekhaya uma uthi kufanele adlale khona. Unethalente lokuya phambili ngokukhululeka njengoMorena okuyinto esikitazayo sinoHelman," kusho uBroos sakuqhosha.
Ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba Osuthwini, uMartin uthe: “Sizishaya isifuba ngoMbanjwa nokubizwa kwakhe kwiBafana futhi siyathemba ukuthi lokhu kuzokhuthaza nabanye ngaphakathi eqenjini.
“Ukubizwa kwakhe kwiBafana kukhomba ukukhula kwakhe okuyisimanga kwazise uqale ukudlala esigabeni esikhulu ekuqaleni kwesizini ka-2023/2024.
“Siyaziqhenya siwuSuthu ukuthi sibe nesandla kulokhu kudlondlobala kukaMbanjwa,” kuphetha uCijimpi okuyigama okuteketiswa ngalo lo mqeqeshi waMaZulu odabuka eSpain.