KUNGENZEKA yini ukuthi iKaizer Chiefs ishaye isikhala ngokudedela injini enguWillard Katsande ngesikhathi esifanayo ingasivali isikhala sakhe?
Lo umbuzo obubhekiswe kuStuart Baxter esithangamini nabezindaba kulandela ukuphoxeka kwayo ishayelwa ekhaya yiRoyal AM ngo-4-1 emdlalweni weDStv Premiership ngempelasonto.
Obekwenza uBaxter aphonswe lo mbuzo yindlela iRoyal AM egcine isigeleza ngayo emdlalweni obuseFNB Stadiun, obekudalwa ukuthi abadlali abaningi beChiefs bese bezama ukuya phambili ukuyozama amagoli.
Ngesikhathi kusekhona uKatsande odlale amasizini ayishumi kwiChiefs ngaphambi kokujoyina iSekhukhune United, bekuthi noma iqembu lihlasela ngamawala kodwa lo mdlali waseZimbabwe ahlale ekhona ukugada konke okungase kube yingozi odongeni lwasemuva,
Kulo mdlalo weRoyal AM, iChiefs okubukiswe ngayo kuwona, kuqale uPathutshedzho Nange noCole Alexander maphakathi nenkundla. Kulaba badlali uNange uyena obemelwe wumsebenzi wokuhlala (agadile) kodwa uyaziwa ukuthi uyilolu hlobo lomdlali oluthandayo ukusondela ngalapho ibhola lingakhona.
Akazange awuqede nokho umdlalo uNange ngenxa yokulimala, indawo yakhe yathathwa u-Anthony Akumu obezosizana no-Alexander, obese ekhushulelwe eduze kwabagadli ngoba kufuneka amagoli.
UBaxter uvumile ukuthi abanaye umdlalo wohlobo lukaKatsande kodwa nakubadlali bakhe basemuva akekho ongawenza lo msebenzi.
“Engingafuni ukukwenza ukuqinisa kakhulu kubadlali abavimba izitha okuyinto ezokwenza sigcine singasakwazi nokudlala ngendlela esifuna ngayo,” kusho uBaxter.
Uqhube wathi: “Asinaye umdlali ohlalayo agade izitobha njengoWillard (Willard). Ngesikhathi sifaka u-Akumu inhloso bekuwukuthi enze lowo msebenzi (wokuhlala agade izitobha) kodwa kwangenzeka. Impendulo ecacile ukuthi asinaye okwamanje umdlali ofana noKatsande.
“Nakubadlali basemuva kufanele ngabe ukhona osondelayo esiswini ajoyine uma ibhola lingakithina ngoba isimo esibhekene naso okwamanje siyasazi.
“Inkinga enkulu ukuthi senza amaphutha abucayi ngezikhathi ezingafanele emidlalweni okuyikhona okugcina sekuveza nalapho sixega khona,” kubalisa lo mqeqeshi.
Ngemuva kwemidlalo yangempelasonto yeligi, iChiefs yehlele ku-12 kwi-log ngamaphuzu amane. Isizoya kozama ukuqoqa amaphuzu agcwele uma isivakashele iMarumo Gallants ngeSonto, ePeter Mokaba Stadium, kozoqala ngo-5 ntambama.