UMDLALI wasesiswini weKaizer Chiefs, uHappy Mashiane, owagcina ukubonakala ethola ikhadi elibomvu emdlalweni wamanqamu weCaf Champions League, uphonselwe inselelo wumqeqeshi waMaKhosi, uStuart Baxter, ngokuthi kufanele abhukule uma ezimisele ngokubuyela esikimini.
UBaxter ukusho lokhu esithangamini nabezindaba, ngesikhathi ebuzwa ngoMashiane ngeSonto, ngemuva kokukhala ngaphansi ngo-2-0 kwiMamelodi Sundowns emdlalweni weDStv Premiership.
UMashiane ungomunye wabadlali abalandeli beChiefs abebebheke lukhulu kuyena, kwazise ukhushulelwe esikimini esikhulu ngesikhathi esinzima iqembu lingaphansi kwesigwebo sokungabasayinisi abadlali.
Isizini edlule, isongwe uMashiane engomunye wabadlali abafakwa kuqala esikimini seChiefs njengoba kwenzekile kowamanqamu weChampions League osekungumlando ukuthi bahlulwa kuwona yi-Al Ahly yase-Egypt ngo-3-0.
Ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini kulo mdlalo wamanqamu weChampions League, okwakungowokuqala kaBaxter ebhentshini, uMashiane wakhishwa ngekhadi elibomvu nokwenza kwafana nokuthi iChiefs isibhekene nomthwalo ophindwe kabili kwi-Al Ahly engelinye lamaqembu akhonyayo e-Afrika.
Selokhu kuqale isizini, uMashiane ubengakaze abonakale esikimini seChiefs, okwenze uBaxter wabuzwa ukuthi ngabe ikhona yini inkinga ekhona ngalo mdlali?
“UMashiane ukhona usebenza ngokukhulu ukuzikhandla nsukuzonke. Uma ubheka indlela esidlale ngayo namuhla (ngeSonto), uMashiane ubezobe ebanga indawo noSifiso (Hlanti) ekubeni kusekhona noSibusiso (Mabiliso),” kusho uBaxter.
Uthe usajabule ngabanye abadlali uMashiane abanga nabo indawo.
“Okwamanje bonke abadlali enginabo ezindaweni engingasebenzisa kuzona uMashinane, ngineme ngabo.
“Lokhu akusho ukuthi angiwuboni umsebenzi kaMashiane awenza nsukuzonke ejimini. Ngijabule kakhulu ngendlela asebenza ngayo. Osekusele manje ukuthi afake umfutho wokugcina bese elinda ithuba lakhe ukuze lithi uma lifika, limthole elunge ngokwanele,” kusho uBaxter.
IChiefs esaqoqe amaphuzu amane emidlalweni emithathu yeligi, izobuyela enkundleni ngoMgqibelo ibhekene neRoyal AM eFNB Stadium ngo-5 ntambama.