ABALANDELI beKaizer Chiefs bayalwe ngumqeqeshi weqembu uStuart Baxter, ngokuthi kumqoka ukuthi bazifundise ukuba nesineke. Wathi ngeke ayishintshe indlela enza ngayo izinto ngenxa yezikhalo zabo.
Lo mqeqeshi ukhuluma kanjena nje, kuningi abalandeli beChiefs abakukhomba kuyena njengembangela yokungahlangani kwezinto, ngendlela obekulindeleke ngayo yize iqembu lingene emakethe lasika izibabuli.
UBaxter ubenesithangami nabezindaba ngoLwesine ekuseni, ekhuluma ngezinhlelo zomdlalo weDStv Premiership lapho bezotholana neRoyal AM kusasa ngo-5 ntambama eFNB Stadium, eSoweto.
Phakathi kwezikhalo zabalandeli kugqama ukuqhubeka kukaBaxter nokudlalisa u-Eric Mathoho noDaniel Cardoso, ekubeni kuyibona abakhombisa izimpawu zokuba buthaka emuva.
Lo mqeqeshi ugxekwa nangokuziba uNjabulo Ngcobo odlala emuva noKgaugelo Sekgota oyibamba esiswini. Laba badlali balandwe yiqembu kwiSwallows, ngemuva kokushaya into ecokeme kuyona ngesizini edlule.
Ngesikhathi uBaxter ebuzwa ukuthi yimuphi umyalezo angawusho kubalandeli mayelana nezikhalo zabo uthe, nakuba ebaqonda kahle kodwa kusemqoka ukuthi bazifundise ukuba nesineke.
“Ngiyaqonda ukuthi abalandeli abanandaba nezindlela zokudlala kumbe amatemu asebholeni kodwa abakufunayo yimiphumela,” usho kanje uBaxter osebuya okwesibili kuleli qembu ngemuva kokushiya elinqobele izindebe ngo-2015.
Uqhube wathi: “Uma umphumela uzoba mubi njengoba kwenzekile koweSundowns (Mamelodi), abalandeli ababe besaba nandaba nokuthi yini ezanywayo, nanokuthi iqembu linesikhathi esingakanani lihlangene. Kudinga isikhathi nesineke ukwakha iqembu esifuna ukulakha.
“Ngiyakwamukela ukukhonda kwabalandeli futhi nami mhlawumbe ngabe ngibuza imibuzo efanayo, ukube angiyena umqeqeshi kodwa ngeke ngishintshe isikimu njalo uma siphikwe wumphumela. Ikakhulu uma kungumphumela ophikisana nendlela umdlalo ohambe ngayo.
“Kuzosisiza sonke ukuba nesineke bese sizama ukukholelwa kulokhu esikuzamayo. Ngiyazicelela kubalandeli ukuthi babe nesineke ngoba siyazilungisa izinto. Siyakwazi okufanele sikwenze kule midlalo ezayo ngakhoke-ke (thina nabalandeli) asiye kuyona ngomqondo, hhayi ngenhliziyo kuphela.”
IChiefs isiqoqe amaphuzu amane emidlalweni emithathu yeligi, idlale ngokulinga, yawina, yahlulwa yiSundowns ngo 2-0 ngempelasonto edlule.
Izodlala neRoyal AM nayo esanqobe kanye, okungumdlalo odlule lapho ishaye iChippa United ngo 1-0.