UMGADLI weMamelodi Sundowns, uKermit Erasmus, ofike kuyona ethwelwe ngeqoma kodwa washaya amagoli amathathu kuphela emidlalweni engu-17 ngesizini edlule, uthembisa okungcono ngesizini ezayo
U-Erasmus (31) uzoqala isizini yakhe yesibili nompetha beligi kulandela eyokuqala engazange ize isondele kulokhu obekulindelwe kuyena ngesikhathi esuka kwiCape Town City.
Ngesizini edlule, lo mgadli oke wadlala naphesheya, uhlale kakhulu emahhovisi odokotela beSundowns kunokuba senkundleni ngenxa yokulimala okwahlukene.
Ngesikhathi u-Erasmus ehleli, bekugqame uPeter Shalulile okuwuyena obeqhulula amagoli kumaBrazilians.
Lo mgadli obuye abizwe ngoRomeo, uthe uvuseleleke kakhulu futhi akasakwazi ukulinda ukuthi isizini iqale ngenjoba ekuthole konke ukuphumula abekudinga ngamaholidi.
“Ngaso sonke isikhathi, ukudla izinkomishi kweqembu yikhona okuhamba phambili kodwa ukuba wumqemane okwenza ube nethuba elifanayo nabanye ukufaka isandla ekutheni lokho kube impumelelo, yikhona okwenza ngingabe ngisakwazi ukulinda ukuqala kwesizini entsha,” usho kanje ekhuluma nethimba labezindaba leSundowns.
Ukuxinwa umsebenzi kwabo njengabadlali bebhola elikhokhelayo, kwesinye isikhathi, kubenza bakhohlwe izinto ezisemqoka kubona ngokubona kwakhe.
“Ayikho into ebaluleke njengokuthatha iholidi kithina ngoba umsebenzi wethu uyile nto oyiyona. Kubalulekile ukukhipha umqondo emsebenzini ikakhulukazi uma ube nenkinga yokulimala njengami.”
Lo mdlali oke wadlala ePortugal naseFrance, uthe usijabulele kakhulu isikhathi asichithe nezingane zakhe abengasazazi kwazise zihlala eNetherlands.
“Ngiwumqemane, hhayi ekulimaleni kuphela kepha nasemqondweni nje ngivuselelekile. Ukuhlala nezingane zami ebengingasazazi, kungisizile.
“Umqondo wami uhluzekile futhi kumnandi ukuthi sesibuyile. Sisebenza ngokuzikhandla ukuze kuthi kuqala isizini sibe sesilunge ngokwanele ukuvikela izicoco zethu siphinde sengeze kwezikhona,” kusho u-Erusmus.
ISundowns isekhempini e-University of Pretoria labo iqale khona amalungiselelo esizini ezayo ngokuhlola abadlali. Ngesizini edlule, idle isicoco seDStv Premiership.