AKAKHATHAZEKILE ngokuthi abadlali bakhe bazoba wuvanzi njengoba sekuyisikhathi samaholidi kaKhisimusi umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Franco Martin.
Emasontweni adlule, kuke kwasabalala izindaba mayelana nabadlali bamaqembu agijima kwiDStv Premiership abamisiwe ngenxa yokwephula imithetho yamaqembu abo, okubalwa kuyona ukuphuza noma ukutholakala bephuzile ngesikhathi somsebenzi.
Ekupheleni kwesizini edlule, umengameli weqembu, uSandile Zungu, waphumela obala ngezinkinga zokungaziphathi kahle kwabadlali ababhekana nazo ngesizini edlule futhi wafunga wagomela ukuthi kule sizini isandla sizothi ukuqina eqenjini ukuze abadlali bangadlebeleki.
Yize abantu abaningi sebehleli emakhaya noma ezindaweni zokungcebeleka njengoba sekusondele uKhisimusi, akunjalo kubadlali bebhola okusamele baqedele imidlalo yabo yonyaka.
Ngaphandle kokugwema uphuzo oludakayo, abadlali kufanele bagade nokudla abakudlayo njengoba ngezinsuku zikaKhisimusi kubuye kudekwe neqwaba yezicoficofi ezingase zibaphazamise uma begxila kuzona ngokweqile.
Abadlali boSuthu bazothola ithuba lokuphumula isikhashana ngemuva kokudlala umdlalo wokugcina wonyaka ka-2023 neRoyal AM ngoDisemba 29. Kungenzeka banikwe ikhefu elithe xaxa ngenxa ye-Africa Cup of Nations ese-Ivory Coast kusukela ngoJanuwari 13 kuya kuFebhuwari 11.
Okwamanje, uMartin usalindele ukuthi bonke abadlali bakhe bagxile ngokugcwele emsebenzini okusamele bawenze.
“Angisilo iphoyisa, angiyena umuntu ogada izingane, umsebenzi wami akukona ukulawula abadlali. Umsebenzi wami wukubaqeqesha nokubenza baqonde ukuthi sinethuba lokwenza izinto ezinkulu,” usho kanje uMartin.
“Sibe nemidlalo emihle ngoDisemba futhi abadlali bayakwazi ukuziphatha. Ngisho imiphumela imihle noma ingemihle, siyaqhubeka nokulwa. Sifika ejimini sisesimeni esifanele futhi siziqeqesha ngomfutho omuhle. Ngicabanga ukuthi abadlali yibona okumele bathathe izinqumo eziphusile.
“Uma uneqembu elizimiseleyo, uma sonke sicabanga ngendlela efanayo futhi sibheke endaweni eyodwa kuba lula ngoba uma kukhona umuntu ophuma endleleni abanye bayakwazi ukumbuyisa.
“Ngicabanga ukuthi yilokho okwenzekayo manje eqenjini. Bonke abadlali bafuna ukunqoba. Sifuna ukuqhubeka nokubhala umlando waleli qembu ngoba yinto esemqoka kakhulu kithina.”
Bathathu abadlali boSuthu abaqokwe eqenjini leBafana Bafana labadlali abangu-50 umqeqeshi uHugo Broos azokhetha kulona uhlu lokugcina lwabadlali abangu-23 abazoya ku-Afcon. Laba ngunozinti uVeli Mothwa nabagijima esiswini u-Ethan Brooks noTshepang Moremi.