SITHEMBISO MKHIZE
INSEPHE yeTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM), uCelimpilo Ngema, inikwa ithemba ngamaphutha e-Orlando Pirates ewachaza njengafana nawabo ngaphambi komdlalo wala maqembu weDStv Premiership.
ITshamkhuma izokwamukela iPirates eThohoyandou Stadium namuhla ngo-5 ntambama.
Le njini yaKwaZulu-Natal, eyibamba kuthule umoya esiswini, itshele Isolezwe ukuthi kayilingabazi ibhola elidlalwa eZimnyama selokhu kuqale isizini.
Nokho ithe nalo leli qembu laseSoweto linezinkinga abangakwazi ukungena ngazo.
“IPirates inenkinga ethi ayifane neyethu yokuvumela ukungenelwa amagoli angafanele nokungasebenzisi amathuba ngendlela efanele. Ubufakazi balokhu wukudlala kwayo ngokulingana kahlanu bese kithi kube yisithupha. Sobabili sithi asilingane ngamagoli esisawashayile nasingenele. Ishaye ayishumi, kithina aba yisikhombisa. Singenelwe ayishumi yona aba yisishiyagalombili. Sobabili emidlalweni yethu edlule singenelwe amagoli abengenasidingo,” kubeka uNgema Obedlala kuThongathi.
Uqhube wathi: “Okuhle wukuthi la maphutha siphezu kwawo ejimini. NgoMsombuluko sikuhlaziye konke ngeBucs, ubuthaka bayo. Uma singalandela imiyalelo yabaqeqeshi ngibona izoba senkingeni. Okuhle ngokudlala namaqembu amakhulu wukuthi wonke umdlali uyakwazi okulindeleke kuye.”
ITshakhuma ecijwa uJoel Masutha ilele kweyesi-11kwi-log ngamaphuzu ayisishiyagalombili. Emdlalweni odlule ibambane ngo 2-2 neCape Town City. IPirates esendaweni yesithupha ngamaphuzu awu-14, yabelane ngamaphuzu emdlalweni wayo neSwallows uphela ngo 1-1. Ngemuva kwalo mdlalo umqeqeshi weBucs, uJosef Zinnbauer ukhale kakhulu ngokulahla amathuba amagoli, wathi kumele abagadli bakhe bakhuphule amasokisi phambi kwamapali.
UNgema ukuvumile ukuthi kazehli kahle izinkinga ezibikwa eqenjini.
Ezinsukwini ezedlule kuphinde kwavela ukuthi kukhona abafuna ukuthenga leli qembu likaMasala Mulaudzi. Kusolwa izinkinga zenkece okuthiwa ziholela ekutheni abanye abadlali bangaholelwa.
“Noma kungabikwa izinkinga kodwa uma ungena enkundleni ukhohlwa konke ulwele ukunqoba. Kuba nale nto yokubeka iqembu phambili nokungavumi ukushaywa ngabanye abafana,” kusho uNgema.