Ngenkathi uHarry Kane eshiya kwiTottenham Hotspur ayesedlale kuyo amasizini angu-11, ejoyina iBayern Munich, ezinye izingqapheli zebhola zazibalula ukuthi angase ahlangabezane nobunzima kulezi zingqungqulu zaseGermany.
Le nkalimeva yomgadli eshiye kwiTottenham isiphethe irekhodi lamagoli angu-280 kuleli qembu, ifike kwezwakala kwiBayern eqeqeshwa wuThomas Tuchel.
Njengamanje nguyena ozihola phambili ngokushaya amagoli kwiGerman Bundesliga, ngamagoli angu-22 emidlalweni engu-16, nokuyinkomba yokuthi lo mgadli ovutha uphondo kule sizini usazoshaya amanye amagoli njengoba kuyima kuqala umzuliswano wesibili wesizini kule mpelasonto kwiBundesliga.
Uma sekubalwa namagoli ayisithupha asewashaye emidalweni ye-Uefa Champions League, kusho ukuthi uKane useshaye amagoli angu-28 kuyo yonke imiqhudelwano.
Ukubhakuzisa inethi kukaKane yikho kanye osekwenze, uTuchel, aphumele obala ekumthwaleni ngeqoma lo mgadli ekwephuleni irekhodi lamagoli angu-41 elaqoshwa wuRobert Lewandowski ngesizini ka-2020/21 esagijima kuleli qembu.
ULewandowski - ojoyine iBarcelona ngesizini edlule - usaphethe leli rekhodi lokushaya amagoli angu-41 ngesizini eyodwa kwiBundesliga, nokho eselibukeka lisengcupheni yokwephulwa wuKane ongagayelwa mphako kule sizini.
“Lisengozini (irekhodi likaLewandowski). Akekho obecabanga ukuthi lingaba sengozini kodwa lisengozini.
Sidinga inhlanhla nje encane. Iqembu kudingeka liqhubeke nokwenza kahle, naye futhi uHarry abe qatha, bese sibona ukuthi kwenzekani.
Kodwa nje eqinisweni uHarry akanamkhawulo ekushayeni amagoli, yingakho ngikholwa wukuthi uzokwazi ukugcina eliphulile leli rekhodi,” kusho uTuchel.
Ephawula ngokusebenza nalo mgadli obukhali ekushayeni amagoli, uTuchel, akawuvali umlomo.
“Kuyisipho nje, eqinisweni, ukuqeqesha umdlali onjengalona. Ngizizwa ngithobekile ukuba ngumqeqeshi wakhe.
Ukuzithoba kwakhe kuyamangalisa. Ungowokuqala ukufika enkundleni yokuziqeqesha zonke izinsuku. Noma yini ocela ukuthi ayenze, uyayenza. Ungushaka enkundleni, ohlale elambele amagoli, nohlale elambele ukunqoba.”
Lo mgadli ophinde abe yisethenjwa nokaputeni eqenjini lesizwe le-England, ushaye igoli lakhe lika-22 kule sizini iBayern ibhaxabula iHoffenheim ngo 3-0 ngeledlule koweBundesliga.
Leli qembu elingompetha abavikela isicoco seBundesliga, okumanje lisendaweni yesibili kwi-log ngemuva kweLeverkusen esaqhwakele, lizotholana phezulu neWerder, kusasa ngo-4.30 ntambama, e-Allianz Arena, eBavaria.
Imidlalo yeGerman Bundesliga:
NgoMgqibelo - Ngo-4.30pm: VfL Bochum v VfB Stuttgart; Heidenheim v Wolfsburg; Darmstadt v Eintracht Frankfurt; Koln v Dortmund; SC Freiburg v Hoffenheim; RB Leipzig v Leverkusen
NgeSonto - Ngo-4.30pm: Bayern v Werder
Ngo-6.30pm: Monchengladbach v Augsburg