ONOMPEMPE baseNingizimu Afrika bavalelekile e-Angola, kulandela isinqumo sikahulumeni wakhona sokuvala konke okuhambayo okuza eMzansi, ngenxa yokudlanga kweCovid-19.
UThando Ndzandzeka, Eugene Mdluli, Athenkosi Ndongeni noKhamusi Razwimisani basabhajwe e-Angola, kusukela bedlalise umdlalo womlenze wokuqala wokuhlungela isigaba samaqoqo weCaf Confederation Cup phakathi kweBravos do Masquis neMotema Pembe yaseDemocratic Republic of Congo ngesonto eledlule.
Batheleke e-Angola ngoDisember 19, bezodlalisa ngoDisemba 23 ngaphambi kokubuyela eMzansi ngoDisemba 26. Nokho kuthiwa uhulumeni wase-Angola unqume ukuvala izindiza, imikhumbi nakho konke okuhambayo okubheke eNingizimu Afrika emizameni yokulawula ukukhula kwesibalo abantu abatheleleka ngeCovid-19.
"Asazi ukuthi sizohamba nini ngoba kuthiwa uhulumeni umise yonke into. Sisalindile usoseshini walapha ukuthi uzokwenze njani ngendaba yamathikithi. Bagcine besitshele ukuthi bazowathenga," kusho lo nompempe.
Okhulumela iSafa, uDominic Chimavhi, uzihlangulile wathi akuthintwe inhloko yonompempe u-Abdul Ebrahim, ovumile ukuthi bane onompempe abavaleleke e-Angola.
"Kade kufanele babuye kuleli ngomhlaka 26 kodwa akwenzekanga ngenxa yokuthi inkampani yezindiza iTaag Airline inqume ukuhoxisa zonke izindiza zayo eziza eNingizimu Afrika. Ngiyaxhumana nabo onompempe cishe njalo emuva kwehora nesigamu ukuzwa okusha okwenzekayo," kusho u-Ebrahim.
"Baphatheke kabi ngakho konke okwenzekile ngoba bafuna ukuba nemindeni yabo. Kodwa bayanekekelwa yiqembu lasekhaya ngendawo yokulala nangezinye izinto. Ophethe onompempe base-Angola uyabazamela ukuthi okungenani bagibele kusasa (ngoMsombuluko). Konke bekuhamba kahle. Konakale sekuhoxiswa izindiza. Bathi kwenziwe ngenxa yokunyuka kwesibalo seCovid-19 eNingizimu Afrika. Engikufunayo ukuthi abafana babuye ekhaya."