KUNYOMFEKE izinhlelo ekhempini yeBafana Bafana kutholakala ukuthi iphini lomqeqeshi, uJanevski Cedomir, lihaqwe yiCovid-19.
IBafana izogadulisana ne-Uganda emdlalweni wobungani ozoba se-Orlando Stadium, eSoweto, namuhla ngo-6 ntambama.
Lo mdlalo ungowokuzicijela owokuhlungela iNdebe yoMhlaba ozoba ngoSepthemba. Nokho kuphazamiseke izinhlelo ngesikhathi imiphumela yokuhlolwa kwangoLwesibili kaCedomir, ongamehlo nezindlebe zomqeqeshi omusha uHugo Broos, ikhomba ukuthi uneCovid-19.
Lokhu kwenzeka nje, bekuvele sekuhoxiswe abadlali uPercy Tau, Tebogo Mokoena abatholakale ukuthi bahaqekile. USipho Mbule ukhishwe kwiBafana ngoba ubekade esondelene noMokoena ongumngani wakhe futhi abadlala ndawonye kwiSuperSport United.
UCedomir waseBelgium, ubekade ezosizana nelinye iphini likaBroos, uHelman Mkhalele emsebenzini abawubize ngowokuqala phansi iqembu lesizwe. U-Broos uphindele ekhaya eBelgium ukuyogoma umgomo wesibili weCovid-19 ngaphambi kokuzoqala umsebenzi wakhe eNingizimu Afrika.
Udokotela weBafana, uTshepo Molobi, uthe: "Siyaqhubeka nokuhlola izimpawu futhi sigqugquzela abasebenzi ukuthi bafake izifonyo ngaso sonke isikhathi, baqhele ibanga elifanele, wonke umuntu abe segunjini lakhe yedwa."
Umdlalo weBafana ne-Uganda yiwona ozocacisela uBroos nethimba lakhe ngomsebenzi obahlalele emizameni yokubuyisela iqembu lesizwe esicongweni. Ngaphandle kwabadlali abahaqwe yiCovid-19, iBafana ilinyalelwe ngabayisithupha abebekade bebiziwe. Kubadlali okupheshwe ngabo kukhona uNjabulo Blom weKaizer Chiefs, Jabulo Ngcobo weSwallows, Evidence Makgopa noDenwin Farmer beBaroka.
UMkhalele uthe labo abathole uthuba abalisebenzise
"Akuwona wonke umuntu othola ithuba lokumela izwe lakhe. Uma ithuba livela lisebenzise, wenzele wena, umndeni wakho nezwe liziqhenye," kusho uMkhalele odlale imidlalo engu-66 kwiBafana.